
UMngqithi ujabule ngo-Iqraam Rayners, kodwa…
- Sibongiseni GUMBI
Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uManqoba Mngqithi ukucacisele ukuthi umgadli u-Iqraam Rayners ngeke avele aqaliswe imidlalo.
Yize iSundowns ibhekene nendlala yamagoli seloku kuqale le sizini, uMngqithi ukugcizelele ukuthi uRayners kumele ayilwele indawo eqenjini.
AmaBrazilians awashiswe ijezi kwiMTN8 ngemuva kokuhlulwa kuyo yombili imilenze ngo 1-0 yiStellenbosch FC esigabeni semidlalo eyandulela owamanqamu.
URayners ubengeke adlale kulo mqhudelwano ngoba wayeseke wadlala kwiStellies.
Kodwa manje usengaqokwa eqenjini eliqala imidlalo.
Kodwa-ke, uMngqithi ugcizelela ukuthi ngeke aphuthume ukufaka lo mdlali eqenjini.
“Kuyisinqumo esinzima,” kusho uMngqithi. “Kumele sihlele ukungena kwakhe eqenjini ngokucophelela.
“Kubalulekile ukungamfakeli ingcindezi kakhulu.”
UMngqithi ugcizelele ukuthi ukumane anikeze uRayners indawo kungadala izinkinga ngaphakathi eqenjini.
“Kwesinye isikhathi singabaqeqeshi sikushaya indiva lokho esinakho, futhi lokho kungadala izinkinga egumbini lokushintshela,” kuchaza uMngqithi.
Lo mqeqeshi ulangazelela ukulondoloza ukuzwana nokuthi wonke umdlali azizwe ebalulekile eqenjini.
Ufuna ukugwema ukudala isimo lapho abanye abadlali benomuzwa wokuthi izindawo zabo zisengozini yokuthathwa abafikayo.
“Silethe u-Iqraam ukuzokwengeza kulokho esinakho, hhayi ukukhipha othile endaweni yakhe,” kusho uMngqithi.
“Ukumfaka eqenjini eliqala umdlali ngaphandle kokuba akusebenze lokho kungadumaza abanye abadlali.
“Bangase bacabange ukuthi isikhathi sabo kule kilabhu sesiphelile.”
Naphezu kwalokhu kukhathazeka, uRayners angahle abe seqenjini elizodlala umdlalo weCaf Champions League.
I-Sundowns izobhekana nezinkunzi zase-Eswatini, iMbabane Swallows ngoMgqibelo eLucas Moripe Stadium.
UMngqithi uncome uRayners ngokuthi wenze kahle emidlalwe yobungani yakamuva futhi ushaye namagoli amaningana.
“Usebenze kahle kuze kube manje, futhi sijabulile ukubona lokho kuye,” kuqhuba lo mqeqeshi.
URayners akazange athole isikhathi eside sokudlala kwiBafana Bafana ngesikhathi sekhefu lemidlalo yamazwe omhlaba leFifa.
Kodwa uMngqithi ukholelwa ukuthi lokhu kuyisibusiso kwiSundowns.
“Kungase kusinikeze ithuba lokumsebenzisa, futhi sicabanga ukumsebenzisa emdlalweni ozayo,” kuphetha uMngqithi.
ISundowns inethemba lokunqoba isomiso samagoli, futhi ukufika kukaRayners kungaba yisixazululo.
OLUNYE UDABA: Okwenza uBarker weStellies alale obenyoni
Nokho, umqeqeshi uzimisele ukuqinisekisa ukuthi ushintsho lwenzeka kahle, ngaphandle kokuphazamisa isimo eqenjini.
