EzintshaOrlando Pirates

UMofokeng udalula okwenza anqabe ukuya phesheya ngedlule

Lowo obengumdlali we-Orlando Pirates, u-Relebohile Mofokeng, usedalule ukuthi kungani enqaba ithuba lokuyodlala phesheya ngesizini edlule.

Uthi lokhu wakwenza ngoba ubesafuna ukusiza iPirates inqobe isicoco seBetway Premiership kuqala.

Lo mdlali oneminyaka engu-21 ubudala usanda kujoyina iqembu laseBelgium, iRoyale Union Saint-Gilloise ngenkontileka yeminyaka emine.

U-Relebohile Mofokeng ushiye i-Orlando Pirates ngemuva kokugqama eqenjini elikhulu kusukela ngo-2023, esuka esikhungweni sokuthuthukisa abadlali saleli qembu.

Ekhuluma kwiSports Night Amplified with Andile kwiMetro FM, uMofokeng uthe wayesezohamba ngaphambi kokuqala kwesizini edlule.

Kodwa wacela usihlalo wePirates u-Irvin Khoza ukuthi amvumele aqale afeze iphupho lakhe.

“Nami bengizohamba, kodwa ngatshela usihlalo ukuthi ngeke ngihambe ngingakamnqobeli iligi,” kusho uMofokeng.

Uthi ngaleso sikhathi wayengakazizwa ekulungele ukuyodlala phesheya.

“Ngabona sengathi angikakalungeli ukuhamba. Bengifuna ukulwela ibheji lePirates ngaphambi kokuthi ngihambe.”

Lo mdlali uthe usihlalo wajabula ngesinqumo sakhe, kanti uyaziqhenya ngokushiya iPirates eseyisizile ukunqoba isicoco seBetway Premiership.

U-Rele Mofokeng ushiya isikhala esikhulu kwi-Orlando Pirates njengoba ebesezakhele igama, futhi eseyicongco elibalulekile eqenjini.