Confederation CupEzintsha

Okwenza uBarker weStellies alale obenyoni

USteve Barker, ongumqeqeshi weStellenbosch FC, unexhala futhi ubona selukude kakhulu usuku lokuvalwa kwewindi lokudayiswa kwabadlali kwiPSL. 

Leli windi lizovalwa ezinsukwini eziyisikhombisa kodwa uBarker ufisa ngabe selivele livaliwe. 

Into emshayisa ngovalo wukuthi ngabe uzokwazi yini ukuphuna izesheli ezifuna ukudayiselwa uJayden Adams. 

U-Adams kuvela ukuthi uhalelwa amaqembu amakhulu okukhona kuwo iMamelodi Sundowns, iKaizer Chiefs, ne-Orlando Pirates. 

Lokhu kufaka uBarker ngaphansi kwengcindezi njengoba ehlelela isizini engazi noma lesi sihlabani sakhe sizohlala noma sizogcina sihambile.

UBarker usevele uhanjelwe abadlali abaningi abebewumgogodla weqembu lakhe ngesizini edlule. 

U-Antonio van Wyk uye kwiSV Ried, uDeano van Rooyen waya kwiPirates, kwathi u-Iqraam Rayners wathathwa yiSundowns. 

Ngaphezu kwalokho, leli qembu libuye labolekisa ngo-Anicet Oura kwiMuaither SC yaseQatar.

“Besazi kuzoba nzima ukugcina u-Iqraam, uma ubheka akuzuzile lapha eqenjini,” kuvuma uBarker kuleli sonto. 

Uvumile uBarker ukuthi iwindi lokudayiselana ngabadlali lePSL limlalisa obenyoni ngenxa yobude balo.

“Lide kakhulu,” kusho yena. “Kodwa, njengoba eke washo noRob Benadie (isikhulu esiphezulu kwiStellies), ngeke sisakwazi ukulahlekelwe ngezinye zezihlabani zethu. 

Lamazwi kaBenadie amnike ithemba lokuthi bazomgcina u-Adams yize kunamanqe amfuna uthuli. 

“Odabeni lukaJayden, nginesiqiniseko sokuthi uzohlala,” kwengeza uBarker ngokuzethemba. 

Cishe okumnika ithemba wukuthi abaphathi beStellies bakwazile ukuchitha iChiefs ebibaxine ukufa ifuna uFawaaz Basadien.  

Khonamanjalo, iStellies, eqede endaweni yesithathu kwilogi, yanqoba neCarling Cup ngesizini edlule, isivele yenza kahle nakulokhu.

Emidlalweni emihlanu – kwiCaf Confederation Cup nakwiMTN8 – ayikahlulwa futhi isayinqobe yonke. 

Seyingene kowamanqamu kwiMTN8 la izobhekana khona nePirates eMoses Mabhida Stadium ngo-Okthoba 5. 

Kodwa ngaphambi kwalokho, inomdlalo omqoka weConfederation Cup la izobhekana khona neAS Vita Club yaseDR Congo.

Lo mdlalo unamuhla ngoLwesihlanu eDHL Stadium kanti uzoqala ngo-7 ebusuku.