EzintshaKaizer Chiefs

IChiefs izophinda neSundowns, uNabi akaneme ngekhefu elide

Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi useveze ukungenami kwakhe ngokuthi leli qembu lakhe lizophinde lihlale isikhathi eside lingadlali. 

IChiefs iyoze ibuyele enkundleni ngasekupheleni kuka-Okthoba njengoba igcine ukudlala ngempelasonto. 

Idlale neMamelodi Sundowns eFNB Stadium, yahlulwa ngo 2-1 kanti isiyoze idlale ngempelasonto ka-Okthoba 19/20. 

Ngaleyo mpelasonto kuyobe kuqala imidlalo yeCarling Knockout ngemuva kwekhefu leFifa eliqala ngesonto elizayo. 

UNabi usole iPSL ngendlela ehlela ngayo imidlalo. Uyisola kufanele ngoba indlela ehlelwe ngayo imidlalo inqamula umgqigqo wamaqembu.

Nokho ukubhekana naleso simo, uNabi uhlelele iqembu lakhe imidlalo yesihle ukugcina abadlali besesimweni. 

“Sihlele imidlalo embalwa yokuzwana amandla kanti komunye wayo sizobhekana neMamelodi Sundowns,” kusho lo mqeqeshi. 

“Kodwa angiqondi ukuthi kungani iligi imisiwe ngemuva kwemidlalo emithathu.

“Siqale ngoSepthemba 16, sadlala imidlalo emithathu kodwa manje sesimisiwe,” kwengeza uNabi. 

IChiefs iyiqale kahle imidlalo yeligi ishaya iMarumo Gallants naMaZulu FC ekuhambeni. 

Kwilogi isendaweni yesithupha ngemuva kokunqoba kabili, nokuhlulwa kanye emidlalweni emithathu. Inamaphuzu ayisithupha.