Ezintsha

UPitso noRulani bangase basebenze kwiligi eyodwa

Ezakamuva eziphuma eMorocco ziveza ukuthi abaqeqeshi bakuleli abaphambili, uRulani Mokwena noPitso Mosimane kungenzeka baphinde bavuselele ‘ubutha’ babo.

Lokhu kulandela umbiko odalula ukuthi izinkunzi zaseMorocco, iRaja Casablanca zicabanga ukulanda uMosimane. 

UMokwena usevele usebenza kwiligi yaseMorocco iBotola Pro League njengoba engumqeqeshi weWydad Athletic Club. 

Uwuqale kahle umsebenzi wakhe futhi akaconsi phansi kubaphathi nabalandeli kuleli qembu lakhe elisha. 

Laba baqeqeshi bake basebenza ndawonye kwiMamelodi Sundowns, uMosimane engumqeqeshi, uMokwena eyiphini. 

Bake bahlala futhi emabhentshini ehlukene ngesikhathi uMokwena eqeqesha i-Orlando Pirates neChippa United.

Wabuye wabuyela kwiSundowns, wayosebenza ngaphansi kukaMosimane nokuthe uma eseshiya, uMokwena waba ngumqeqeshi. 

Kulandela ukuhamba kukaMosimane kwiSundowns, kwaqubuka ubutha phakathi kwakhe noMokwena. 

Babenokungcofana ezithangamini zabezindaba, okwenza kwakholakala ukuthi ubudlelawano babo abusebuhle. 

Manje iWinWin.com, okuyiwebhusayithi yaseMorocco ibika ukuthi iRaja isha amashushu ngoMosimane.

Uma kugcina kwenzeka uMosimane eya kuleli qembu, lokhu kuzosho ukuthi laba baqeqeshi bazophinde bake bazwane amandla. 

IWydad neRaja yizimbangi ezinkulu ebholeni laseMorocco kanti umdlalo wabo uhlezi ubhekwe ngabomvu.