
UBroos udidwa eyabeDowns, ufake uSesane
- Sibongiseni GUMBI
Siyazwela kumqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos isimo esibhekene nabadlali bakhe ababili eqenjini labo.
Ethula isikwati sakhe sabadlali abangu-23 abazodlala neCongo Brazzaville, uBroos uveze ukukhathazeka ngoKhuliso Mudau noTebogo Mokoena.
Laba badlali sebeke bahlala isikhashana bengadlali kwiSundowns yize uMudau ebuyile ngempelasonto edlule.
Nakhona ungene esuka ebhentshini esiwombeni sesibili bedlala neKaizer Chiefs eFNB Stadium.
ILisenethini ike yabika kuleli sonto ukuthi babizelwe ekomidini eliqondisa ubugwegwe yiSundowns.
Basolwa ngokuba ngobhongoza bomkhankaso wokweya umqeqeshi uManqoba Mngqithi ngoba bekhalela ukuxoshwa kukaRulani Mokwena.
UBroos ubona lokhu kuzoba nomthelela naseqenjini lakhe njengoba bengabanye babadlali athembele kubo.
“Kunzima ukuqonda ukuthi kungani uMokoena noMudau bengadlali,” usho kanje lo mqeqeshi odabuka eBelgium.
“Badlale kahle kakhulu kwi-Afcon futhi bangabadlali abamqoka kithi.
“Kunzima ke ukuqonda (isimo sabo kwiSundowns) futhi kuzoba yinkinga (uma beqhubeka nokungadlaliswa).”
Khonamanjalo, isitobha se-Orlando Pirates uThabiso Sesane nguyena kuphela umdlali omusha eqenjini eliqokiwe.
USesane usefomini enhle kwiPirates kanti ungene esikhaleni sikaSiyabonga Ngezana weFCSB osalimele kulezi zinsuku.
Kuzothatha amehlo ke ukubona ukuthi uBroos uzosiqunga yini isibindi amqalise umdlalo.
IBafana izobhekana neCongo Brazzaville eNelson Mandela Bay Stadium ngo-Okthoba 11, bese iphinda nayo ekuhambeni ngo-Okthoba 15.
- Onozinti: Ronwen Williams, Ricardo Goss noSipho Chaine
- Izitobha: Sydney Mobbie, Nkosinathi Sibisi, Khuliso Mudau, Aubrey Modiba, Grant Kekana, Thabiso Sesane, Rushwin Dortley, noFawaaz Basadien.
- Abasesiswini: Tebogo Mokoena, Jayden Adams, Thalente Mbatha, noLuke Fleurs
- Abaphambili: Oswin Appolis, Elias Mokwana, Themba Zwane, Lyle Foster, Patrick Maswanganyi, Relebohile Mofokeng, Iqraam Rayners, noThapelo Morena.
