EzintshaKaizer Chiefs

Umisiswe umqeqeshi omataniswa neKaizer Chiefs

Ukumiswa kwakhe sekuqinise izinsolo zokuthi uyalishiya iqembu akulo okunye wabaqeqeshi osekuke kwabela ukuthi angase athathwe yiKaizer Chiefs.

Amakhosi njengamanje anabaqeqeshi ababambile kuze kuphele isizini kulandela ukuxoshwa kukaNasreddine Nabi ekuqaleni kwesizini.

OKhalil Ben Youssef noCedric Kaze yibo abacija iqembu. Kodwa abaqashiwe ngokugcwele.

Futhi ke sekuvelile ukuthi abaphathi sebewuqalile umkhankaso wokucinga omunye umqeqeshi ozohola iqembu ngesizini ezayo.

Lokhu kwenziwa yize iKaizer Chiefs ingekho esimweni esibi kakhulu njengoba kumanje isendaweni yesine kwilogi.

Futhi ngokwezibalo isenalo ithuba lokuthi ingagcina kube yiyo enqoba isicoco.

Manje sekuvele ukuthi uSead Ramovic umisiwe kwiCR Belouizdad yase-Algeria kanti isizathu salokho asicaci. 

Lo mqeqeshi ubekwiTS Galaxy phambilini kanti uke wakhonjwa eNaturena ngaphambi kokuthi aye e-Algeria. 

Ngaphezu kwakhe, kule mpelasonto kuphinde kwaqina amahlebezi okuthi kuzoba nguManqoba Mngqithi ozoqashwa.

Ukubonakala kwakhe ebuka umdlali weKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates kwiDStv Diski Challenge kususe isasasa. 

Abalandeli bakubuke lokhu njengophawu lokuthi useqalile ukubheka abadlali abasebancane angabasebenzisa ngesizini ezayo.