
‘Ishintshe unyawo’ iKaizer Chiefs koweChippa
Ibuyele ekuvaleni ngabadlali abane iKaizer Chiefs emuva njengoba ishintshe isikimu emdlalweni wayo neChippa United eGqeberha.
Lamaqembu azogadulisana emdlalweni weBetway Premiership eNelson Mandela Bay Stadium ngoLwesithathu ngo-7.30 ebusuku.
Ngaphambi kwalo mdlalo, iKaizer Chiefs beyisebenzisa uhlelo lokuvala ngabadlali abathathu emuva.
Nokho kulo mdlalo ibuyele ekuvaleni ngabane, bese beba bathathu esiswini, babe bathathu naphambili.
Cishe lolu shintsho luphoqwe wukulimala kukaBradley Cross emdlalweni odlule la iChiefs ibambane khona ngo 1-1 neZamalek kwiCaf Confederation Cup.
UCross ulimale esiwombeni sokuqala kulo mdlalo obusePeter Mokaba Stadium ePolokwane, indawo yakhe yathathwa nguPaseka Mako.
Yize engazange enze amaphutha kangako uMako, kodwa kubonakalile ukuthi ukuphuma kukaCross kuluphazamisile uhlaka lweqembu.
Khonamanjalo, uMako ubuyile kulo mdlalo weChippa njengoba kunguye odlala emuva kwesokunxele.
Kwesokudla khona emuva kubuye uThabiso Monyane abasuka naye kwi-Orlando Pirates abese behlale kuyo iminyaka eminingi.
Ushintsho olumangazayo kuleli qembu wukushiywa ngaphandle kukaDillan Solomons oshaye amagoli kuyo yomibili imidlalo edlule yeConfed Cup.
Lo mdlali onejubane ubedlaliswa ophikweni lwesikudla esiswini, okuyindawo abonakale eyijabulele futhi imfanele kahle.
FUNDA NALA | Ufikelwe umbono owoSuthu eshaya inguzunga yegoli
Kungenzeka ke ukuthi uphunyuziwe kulo mdlalo kulandela ukusebenza kanzima kule midlalo emibili edlule.
- Ibophele kanje iChippa: Msibi – Modise, Mfecane, Majadibodu, Fasika – Matrose, Kammies, Bonani, Mosele, Hlophe – Figareido
- Ebhentshini: Sithole, Madingwana, Ntsundwana, Konqobe, Mbhele, Malaoa, Eva Nga, Sithole, Seabi
- IChiefs ibophele kanje: Petersen – Monyane, Mako, Kwinika, Inacio – Maboe, Ngcobo, Matlou – Vilakazi, Velebayi, Da Silva
- Ebhentshini: Bvuma, Msimango, Solomons, McCarthy, Ndlovu, Shabalala, Mmodi, Mayo, Ighodaro
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
