
Kugiye abePirates iChiefs neDowns behlulekile ukunqoba
Ijabulise kakhulu abalandlei be-Orlando Pirates imiphumela yemidlalo yangoLwesithathu njengoba iqinisekise ukuthi iqembu labo lizoya ekhefini liqhwakele.
Ngaphezu kwalokho, izimbangi zabo ezinkulu, iKaizer Chiefs ihlulekile ukunyuka kwilogi yeBetway Premiership njengoba isahlezi endaweni yesihlanu.
Lokhu kulandela ukuthi Amakhosi ebambane ngo 0-0 neChippa United emdlalweni obuseNelson Mandela Bay Stadium ngoLwesithathu ebusuku.
Nokho Amakhosi asangaqeda unyaka ethe ukwenyuka kancane, mhlawumbe aye endaweni yesithathu uma enganqoba kwiTS Galaxy ngeSonto.
IMamelodi Sundowns yona yehlulekile ukubuyela eqhulwini la bekubhekwe isuse khona i-Orlando Pirates ehlale kule ndawo ngempelasonto edlule.
IMasandawana – eqede umdlalo ingasaphelele uTeboogo Mokoena esethole ikhadi elibomvu – idlale ngokulingana neSiwelele FC.
FUNDA NALA | Ulizwe egazini igoli uHanamub
Ibuye kade seyilandela ngemuva ngo 1-0 kulo mdlalo obuseMolemela Stadium ophele zibambene ngo 1-1.
- IDurban City, esanda kuxosha umqeqeshi uGavin Hunt, yona icoboshise kalula i-Orbit College iyishaya ngo 2-0 ekuhambeni.Â
- IPolokwane City nayo ishiye kukhalwa eKapa ishaya iStellenbosch FC ngo 2-1 e-Athlone Stadium.Â
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
