
UMiguel Cardoso uhoxisa akusho ngabalandeli beSundowns
Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uMiguel Cardoso, usevumile ukuthi wenze iphutha ngokuphawula kwakhe ngemuva komdlalo wangempelasonto edlule.
UMiguel Cardoso wayesole abalandeli beMamelodi Sundowns ngokungaliseki iqembu, wathi badlale iLoftus Stadium ikhala ibhungezi.
Wayekhuluma ngemuva komdlalo womlenze wokuqala owandulela owamanqamu weCaf Champions League bebhekene ne-Al Ahly.
Umdlalo waphela zibambene kungekho goli. Amazwi kaCardoso abacasulile abalandeli beSundowns.
Baphumele obala ezinkundleni zokuxhumana bethi inkundla yagcwala ngokuqhubeka komdlalo.
Manje, ngaphambi komdlalo womlenze wesibili eCairo, uMiguel Cardoso usehoxise amazwi akhe.
“Ngesikhathi ngingena enkundleni, ngabuka izitendi zabonakala zingenalutho,” kusho yena.
“Kodwa angizange ngiphinde ngibheke ngemuva kokuthi umdlalo usuqalile.
“Kamuva kwacaca ukuthi inkundla yagcwala kahle. Ngenza iphutha ngengakusho.”
UCardoso uthe ukudlala phambi kwezinkundla ezigcwele phama yiyonanto amaqembu ahlezi eyifisa ngaso sonke isikhathi.
“Leyo yindlela esifuna ukuphila ngayo izimpilo zethu — ikakhulukazi emidlalweni emikhulu yebhola,” kuqhuba yena.
ISundowns izobhekana ne-Al Ahly eCairo International Stadium ngoLwesihlanu. Umdlalo uqala ngo-6 ntambama.
Le nkundla enezihlalo ezingu-75 000 kulindeleke ukuthi igcwale phama.
Lokhu ngemuva kokuthi i-Al Ahly inikezwe imvume ekhethekile yokusebenzisa yonke le nkundla.
UMiguel Cardoso useke wadlala eCairo phambilini futhi uthi umsindo wabalandeli ufaka umfutho eqenjini lakhe.
“Asisesabi isixuku sabalandeli bembangi. Uma beshaya ikhwela noma besihhahhameza, lokho kusuke kusho ukuthi senza kahle,” kwengeza lo mqeqeshi.
Uncome umoya onothando futhi ongenalo udlame ovame ukuba senkundleni e-Egypt.
ISundowns ifuna ukungena kowamanqamu kwiChampions League okokuqala eminyakeni eyisishiyagalolunye.
Igcine ukuphakamisa le ndebe ngo-2016. UCardoso ufinyelelile kowamanqamu ngonyaka odlule ne-Esperance kodwa wahlulwa kuwo.
Kulokhu usebheke ukwenza kangcono neMasandawana.
