DStv Premiership

Usuthu seluhlomile, luyilungele impi eza neStellies

U-Arthur “10111” Zwane uthi balindele impi yodwa emdlalweni waMaZulu FC neStellenbosh FC, eKing Zwelithini Stadium ngoLwesihlanu. 

UZwane noVusimuzi Vilakazi bazohlala okukuqala ebhentshini laMaZulu kulo mdlalo weCarling Knockout njengoba besanda kuqashwa kulo mdlalo.

UZwane uphinde waveza ukuthi bazodlala neqembu elingomphetha bayo iCarling Knockout futhi lidlala kahle. 

“Ngakho ngeke sizithambise nakancane uma ngabe sesibhekene neStellenbosh FC sizogadla kuzwakale kubona. 

“Sidinga ukudlulela esigabeni esilandelayo seCarling Knockout,” kusho uZwane.

Laba baqeqeshi bangena ezicathulweni zikaPablo Martin odilizwe emsebenzini emavikini amabili adlule ngoba iqembu lingenzi kahle.

AmaZulu asedlale imidlalo emithathu kodwa awakaze anqobe nowodwa umdlalo yingakho isemsileni kwilogi yeBetway Premiership. 

Laba baqeqeshi kulindeleke ukuthi baguqule izinto ngokuphakama ngeStellenbosch FC engagayelwa mphako ngaphansi komqeqeshi uSteve Barker.

UZwane uphinde waveza ukuthi basebenzisana kahle noVilakazi futhi bajabule ngalokhu kuhlanganiswa kwabo. 

“Sibambisene kahle, akukho ukuthi kukhona omunye, siyahloniphana,” kusho uZwane. 

“Into ebalulekile kithi yikilabhu. Lento ayikho ngo-Arthur Zwane, ayikho ngoKanu noma ngabe ubani omunye umuntu. Into ebalulekile yikilabhu. 

“Ikilabhuinkulu kunathi, ngakho silapha ukuqinisekisa ukuthi izinto zihamba kahle, kumele siqinisekise ukuthi iqembu liyakwazi ukuthola imiphumela emihle.”