
UHunt uveze ukuba ‘mdala kule game’ ephendula ekaRiveiro
- Sibongiseni GUMBI
UGavin Hunt, ocija iSuperSport United, ukhombise ubuhlakani ebalekela umbuzo ngengxabano ababenayo nozakwabo we-Orlando Pirates uJose Riveiro.
Laba baqeqeshi babonakale bekhombana, bephimisa namagama obekubonakala ukuthi ashubile emdlalweni wamaqembu abo ngoLwesibili.
Lo mdlalo obuse-Orlando Stadium, ugcine unqotshwe yiPirates ngo 2-0 wamagoli o-Evidence Makgopa noDeon Hotto.
Ingxabano kaHunt noRiveiro isuke ngemuva kokudlaliswa kabi kukaDeon Hotto ngasekupheleni komdlalo.
Kuze kwasukuma noMandla Ncikazi, oyiphini likaRiveiro ukuyosiza umsizi kanompempe ukulamula laba baqeqeshi.
Ebuzwa ngalesi sixakaxaka ngemuva komdlalo, uHunt, uphendule ngendlela ebonise ukuthi mdala ‘kule game’.
“Ngeke ngisho lutho ngalokho, ngicela ukuyishiya ilenga kanjalo,” kusho uHunt kwabeSuperSport TV.
“Ungumuntu onomusa, ungumuntu olungile. Ngiyabonga,” uqhube kanje uma exinwa ngalo mbuzo.
Ngomdlalo, uHunt uyincomile iPirates, wathi ibashaye yize bebeyihlonzile indlela ebizobashaya ngayo.
“Ngibatshelile abadlali ukuthi akumele amaqemb anjena uwanike ithuba lokuba phambili,” kusho uHunt.
“Uma uwanika ithuba lokuba phambili ugcina ungasakwazi ukuthola ibhola kubo.
“Sizamile ke kodwa, sikwenze konke ebesingakwenza. Kodwa bengidlala abanye babadlali ezindaweni abangazijwayele.
“Nokho ayikho ebengingayenza. Ngiyabancoma abadlali, bazamile. Kumele siqhubeke sizame ngokubambisana.”
