EzintshaKaizer ChiefsOrlando Pirates

Umgadli ‘ovelele’ ufuna ukusiza ezaseSoweto ngamagoli

Lo mgadli uthi yena angakwazi ukuxazulula izinkinga zokushaya amagoli kwiKaizer Chiefs noma kwi-Orlando Pirates. 

UJean Lwamba akagcianga ngokuqokwa njengomdlali ovelele kuphela, kodwa nguye oqede enamagoli amaningi njengoba eyibhakuzise amahlandla angu-15 inethi.

Manje useveze isifiso sakhe sokudlulela kwiBetway Premiership ukuze aveze ikhono lakhe kwiligi enkulu.

Futhi okwamanje akabhekile ukufikela kunoma yiliphi nje iqembu,, kodwa ufuna ukujoyina enye yezinkunzi zaseSoweto.

Engxoxweni abe nayo neKickOff, lo mgadli waseCongo uveze ukuthi usekulungele ukuthatha igxathu eliya phambili emsebenzini wakhe.

Lokho ufuna ukukwenza ngokuthi athole iqembu esigabeni esiphezulu sebhola eNingizimu Afrika.

Lesi sihlabani seTafic FC siyazethemba ukuthi singakwazi ukuxazulula izinkinga zokushaya amagoli kwizinkunzi zaseSoweto, iKaizer Chiefs noma i-Orlando Pirates.

Ujoyine leli qembu laseBotswana ngesizini ka-2024/25, kanti manje usesele nonyaka owodwa kwinkontileka yakhe.

“Noma yiliphi iqembu elinentshisekelo ngami kuzofanele likhulume nemenenja yami neqembu lami.

“Ngikwazi ukudlala njengomgadli, noma ophikweni kwesokudla noma kwesokunxele,” kusho uLwamba ezidayisa.

“Angikwazi ukukhuluma kakhulu ngami ngoba ngiyazi nokuthi yini engingayenza. 

“Ngingangena khaxa kunoma yiliphi iqembu eNingizimu Afrika, ngisho nakwiKaizer Chiefs, noma i-Orlando Pirates…”

Yize ezincome kangaka, uthe ukukhuluma okukhulu yena ukwenza enkudleni ngokwenza uumsebenzi asuke ewufakelwe.

“Kodwa njengomdlali webhola ngincamela ukukhuluma enkundleni,” kuqhuba yena. 

“Angikwazi ukuthembisa ukuthi mangaki amagoli engingawashaya kwiPSL ngesizini, kodwa abanginike ithuba bezobona. Sengililungile.”