EzintshaKaizer Chiefs

Inkakha necebo iChiefs engavuka ngalo ngolozolo lwabadlali

UMohammed Auseb, oyinkakha yeKaizer Chiefs unombono ngendlela leli qembu elisayina ngayo abadlali, uthi kumele abaphathi bavule elinye ikhasi. 

Le nkakha edabuka eNamibia ithi sekuyaziwa ukuthi leli qembu ‘liyaduliselwa’ abadlali uma libafuna kuleli.

Futhi nezinhloli zalo azisashayi emhlolweni uma ziyothungatha ngaphandle emazweni ase-Afrika njengoba kubonakele eminyakeni embalwa edlule. 

Manje yiliphi pho icebo elingasebenzela iChiefs kule nkinga? U-Auseb uthi kumele iye emazweni ase-Europe. 

“Kunabadlali abayikhwalithi abakulamaligi esigaba sokuqala nesesibili emazweni ehlukene e-Europe,” kusho u-Auseb engxoxweni neLisenethini.

“Ungavuka ngabadlali abadle kumaligi afana ne-English Championship, Belgian B League…

“NaseNetherlands, eFrance. eCanada. naseGermany ungavuka ngekhwalithi kumaligi amancane akhona,” kuqhuba yena. 

“Abadlali abaningi abaphuma e-Afrika bagcwele kulamaligi futhi bafuna amadlelo aluhlaza e-Europe, abanye bazalelwa khona. 

“Uma ngabe ubuka abadlali abanohlonzo e-Afrika abasekho, ngisho nasemazweni ayizikhondlakhondla anjengoNigeria, iGhana, neCameroon. 

“Ngicabanga ukuthi kuzomele abaphathi beChiefs baphinde baqinisekile ukuthi baqasha abahlwayi babadlali abaneso lokhozi,” kusho u-Auseb.

U-Auseb wagqama kwiChiefs ngaphansi komqeqeshi uPaul Dolozer ngo-1998 ehambisana noRobert Nouseb ongumkhaya wakhe.