
UMdaka uphawula ngeyomholo wakhe edingidwa esidlangalaleni
Umqeqeshi weqembu lesizwe labafana abaneminyaka engaphansi kuka-20, Amajita, uRaymond Mdaka, usekhulume ngenkulumompikiswano eqhubekayo ngeholo lakhe.
Izinkulumo ngomholo wakhe ziqale ngesikhathi lowo owayengumqondisi wezokuqeqesha kwiSafa uWalter Steenbok ethi uMdaka uhola ngaphansi kuka-R25 000 ngenyanga.
Isikhulu seSafa uLydia Monyepao ngokuhamba kwesikhathi ukuphikile lokhu ngesikhathi bevele phambi kwekomidi lezemidlalo ephalamende.
Uthe umholo kaRaymond Mdaka ungaphezulu kwalokhu okwashiwo uSteenbok, kodwa usengaphansi kuka-R50 000 ngenyanga.
Lokhu kuqubule intukuthelo ikakhulukazi uma kuqhathaniswa nokamqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos, okubikwa ukuthi uhola ngaphezu kuka-R1 million ngenyanga.
URaymond Mdaka ukhulume ngalolu daba ngesikhathi somcimbi wokwamukelwa kwakhe eTzaneen, eLimpopo.
“Abantu bayohlala bekhuluma. Njengomqeqeshi, kufanele wamukele izinto ongeke ukwazi ukuzilawula,” kusho yena kwiFARPost.
“Okunye okushiwoyo kuyalumela kanti okunye kuveza ukukweseka. Kodwa njengabaqeqeshi asigxili kulokho. Sivumela izinto zenzeke ngendlela yazo.”
Kuwo lo mcimbi uMasipala waseTzaneen unikeze uRaymond Mdaka u-R35 000 wokuxhasa umqhudelwano wakhe wokufukula abadlali bebhola ne-netball abasebancane.
Lo mqhudelwano uzoba ngoJuni 20 no-21 eNkowankowa, khona ngakubo eTzaneen.
“Ngikhululekile kancane,” kusho uMdaka. “Siqale kancane, manje sinamaqembu amane kuphela kodwa manje asengu-16 kokubili kukhona kokubili i-netball nebhola.
“Iphupho elikhulu ukubona izingane zasemakhaya zifinyelela ezikhungweni zokuthuthukisa amakhono ukuze ziphucule amathalente azo.”
Khonamanjalo, ungqongqoshe wezemidlalo, uGayton McKenzie uthe akumele kuqhathaniswe iholo likaRaymond Mdaka nelikaBroos.
Uthe amazinga abaqeqesha kuwo awafani. Udaba oluphelele ngokushiwo ungqongqoshe luzolandela maduze nje.
