EzintshaKaizer Chiefs

UNabi ukhala ngokuyidedela sebeyibambile iSundowns

Umdlalo walezi ziqhwaga ugcine uphela kungenagoli yize bewudlalwa phambi kwabalandeli abangu-75 000 kule nkundla yodumo.

Lokhu kushiye iChiefs isendaweni yesibili kwilogi ngamaphuzu angu-10 – iyalingana neSekhukhune United – kanti ishiya iSundowns ngamabili.

“Kuyiqiniso ukuthi kukhona ukukhungatheka okuthile ngoba sikholwa ukuthi besingawathola amaphuzu amathathu kulo mdlalo,” kusho uNabi ngemuva komdlalo. 

“Kodwa bekuneqembu elihle phambi kwethu. Kukhona nokho ukuzisola okancane, kodwa sizoqhubeka sisebenze futhi sibheke ikusasa.”

UNabi udalule ukuthi uhlelo lweChiefs bekuwukusebenzisa ukukhathala kweSundowns uma umdlalo sewuyophela, njengoba kubonakele ibhekene ne-Orlando Pirates muva nje.

“Esiwombeni sokuqala sithwale kanzima, kodwa besivele sifuna ukuyeka imbangi iphathe ibhola ngoba siyazi ukuthi akulona iqembu eliqeda imidlalo yalo kahle,” kuqhube uNabi. 

“Esiwombeni sesibili, ngokulungiswa kwamaqhinga noshintsho maphakathi nenkundla, sibacindezelile futhi kwayithi esiphethe umdlalo. 

“Sibe namathuba amaningana kodwa ngeshwa asikwazanga ukuwasebenzisa ngendlela efanele.”

IChiefs manje isigxile kwiGolden Arrows ezobhekana nayo ngoMgqibelo eThekwini, kanti iSundowns yona izobhekana neStellenbosch FC.