
UMcKenzie usewutholile umbiko ngekaTeboho Mokoena
Ungqongqoshe wezeMidlalo uGayton Mckenzie usekhiphe isimemezelo esibalulekile ngomphumela wophenyo lweSafa ngenhlekelele kaTeboho Mokoena.
Ukudlaliswa kukaTeboho Mokoena emdlalweni obalulekile wokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2026 ekubeni kufanele ngabe umisiwe kwacishe kwayihlinzela ezibini iBafana Bafana.
Ngenxa yaleli phutha, iBafana yapucwa amaphuzu amathathu okwacishe kwayilahlekisela ngendawo yayo eNdebeni yoMhlaba.
UGayton Mckenzie wabe esenikeza iSafa izinsuku eziyisikhombisa ukuthi ichaze ngaleli phutha elibucayi.
Usekuqinisekisile ukuthi le nhlangano ephethe ibhola kuleli isikwenzile lokho futhi yaphothula uphenyo lwayo lwangaphakathi.
Nakuba abaningi bebelindele ukuthi kumbuleke ubudedengu obukhulu, umbiko uphethe ngokuthi lesi sigameko saba yishwa nje elibi.”
Ungqongqoshe uveze ukuthi izimo ezixakile ezaholela kuleli phutha futhi kwakungelula ukuba ziphezeke.
“Manje sesicaciseleke ngokugcwele ngokwenzekile,” kusho uGayton McKenzie ngoLwesibili.
“Amakhadi amabili aphuzi atholwa uTeboho Mokoena ayehlukene ngezinyanga ezingu-16, igebe okungelula ukulilawula.
“Lokhu kudlula kwesikhathi esingaka kwaba yisici esibalulekile ekuphathweni kweqembu.”
Umbiko ugxile ngesikhathi kukhishwa ikhadi lesibili eliphuzi, wembula ukuqondana kwezinto okumangalisayo okubandakanya umphathi weqembu uVincent Tseka.
Yize uTseka ekwamukele ngokugcwele ukuthi iphutha ngelakhe, kodwa kuvele ukuthi wayengekho ngesikhathi uMokoena ethola ikhadi lesibili.
Kuvela ukuthi wayeyolanda amaqwha ngemuva ngesikhathi kwenzeka lokhu, kusho ukuthi akakwazanga ukukubhala phansi.
KuMckenzie, le mininingwane ikhombisa ukungahambi kahle kokuphathwa kwezinto kwiBafana Bafana.
“Lokho kuqondana kwezinto okungavamile kusitshela okuthile okujulile — ukuthi iqembu lethu lesizwe lisebenza ngaphansi kobunzima obukhulu,” kusho ungqongqoshe.
“Naphezu kwenqubekelaphambili yabo nokusebenza okuqinile enkundleni, iBafana Bafana ayinazo izinsiza ezanele.”
Okutholakele kususa ukugxila ekusolweni komuntu oyedwa nasebuthakathakeni bohlelo ngaphakathi kokuphathwa kwebhola laseNingizimu Afrika.
FUNDA NALA | UDavids uphawula ngokubuyiselwa kukaLorch kwiBafana
Nakuba ukumiswa kukaMokoena kube yisiphazamiso esibi emkhankasweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba, uMckenzie ugcizelela ukuthi kumele kufundwe kulesi simo.
“Asikwazi ukuvumela ukungaphathwa kahle kweqembu – noma ngabe kuyisimo esinjani ukuthi kuphazamise imizamo yabadlali nabaqeqeshi.
“Lokhu kuchaza ukuthi kumele kube noguquko nokwesekwa okungcono nezinhlelo eziqinile ngaphakathi kwiSafa,” kuphetha uMcKenzie.
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
