EzintshaOrlando Pirates

IPirates iyaqhubeka nokukhombisa ukuzimisela ngeligi

I-Orlando Pirates isiyamukele inselelo yokuthi yiyona iqembu elizogudluza iMamelodi Sundowns ekubuseni ebholeni laseNingizinu Afrika. 

Lokhu ikwenze ngokuthi icoboshise AmaZulu FC ngo 2-1 emdlalweni weBetway Premiership ngoLwesihlanu ebusuku.

Lo mphumela ubuyisele iPirates esicongweni kwilogi, kanti izohlala khona kuze kube umdlalo weSundowns ngeSonto.

Nakhona iSundowns kuzomele inqobe ngo 2-0 kuya phezulu ukuze ikwazi ukuthi iphinde iketule iPirates, bese ibuyela esicongweni. 

IPirates iwashaye esiwombeni sokuqala amagoli ayo. Womabili ashaywe umfana omncane uMohau Nkota esiwombeni sokuqala.

IPirates iwakhile amathuba esiwombeni sesibili kodwa yahluleka ukushaya amanye amagoli. 

Nokho kube wuSuthu oluthole igoli lokubika ekhaya sekusesikhathini esengezwe unompempe, ukuhloniphisa umphumela.

Lo mphumela usho ukuthi Usuthu lusayibambe emsileni kwilogi yePremiership ngemuva kwemidlalo emihlanu njengoba lusahlulwe kuyo yonke imidlalo.