Banyana BanyanaEzintsha

Inkakha yeNigeria iveza ekusaba ngeBanyana Banyana

Uthi ubona iBanyana Banyana iyisithiyo esikhulu esime phakathi kweSuper Falcon nesicoco kulo mqhudelwano oseMorocco. 

Ekhuluma ngemuva kokuthi iNigeria ibhudluze iZambia ngo 5-0 esigabeni esidlule, lo mgadli wakudala weSuper Falcons uncome iNingizimu Afrika. 

“Isithiyo esikhulu seNigeria yiBanyana Banyana, engompetha abavikela indebe,” kusho u-Oparanozie kwiShowmax Premier League.

“Uma singadlula kuyo, kuyofana nokuthi indebe yeWafcon sekungeyethu.”

Lezi ziqhwaga ezimbili zebhola labesifazane e-Afrika zizohlangana emdlalweni owandulela owamanqamu okubhekwe ube sezingeni eliphezulu ngoLwesibili ebusuku. 

Lo mdlalo, ozoba seStade Larbi Zaouli eCasablanca kanti uzoqala ngo-6 ntambama ngokwesikhathi sakuleli. 

U-Oparanozie, ongumakadebona ezimpini zeWafcon, uncome ukusebenza kweNigeria esigabeni esidlule somqhudelwano.

Ukuvumile ukuthi indlela ebiqale ngayo kulo mqhudelwano beyingazange imnike ithemba ngokuthi ingaya kude.

“Bengikhathazekile esigabeni samaqoqo. Besiqhwakele impela eqoqweni kodwa besizabalaza ukushaya amagoli. Mhlawumbe bebewongela iZambia” esho ehleka.

Utuse ubumbano nokujula kweqembu: “Babukeka bebumbene njengeqembu — bayiqembu elikhaliphe nxazonke.”

U-Oparanozie ukushayele ihlombe nokukhula kwebhola lezinyawo labesifazane e-Afrika, kusukela ekwenyukeni kwemali etholwa amaqembu kuya ekwengezweni kwamaqembu kwiWafcon.

“Ukunqoba imidlalo manje sekudinga ukuzikhandla okwengeziwe. Akusekho ukuzenzela kalula nje,” kwengeza le ntokazi.

Khonamanjalo, abalandeli bangakwazi ukubuka lo mdlalo kumakhalekukhwini ngeShowmax Premier League ngo-R99/ngenyanga. Itholakala ku: www.showmax.com.

WINA! GCWALISA IFOMU NGEZANSI UZIWINELE IJEZI LEQEMBU LAKHO