
Umphathi wonompempe kwiFifa uchaza eyokuphikwa kwegoli le-Egypt
Inhloko yonompempe kwiFifa, u-Pierluigi Collina, usechaze isizathu esenze kuphikwe igoli le-Egypt emdlalweni wayo ne-Argentina ngemuva kokungenelela kweVAR.
Lesi sinqumo sisuse umsindo omkhulu eNdebeni yoMhlaba, kwaze kwagxekwa ngongoti abaningi bebhola okubalwa kubo oBenni McCarthy noQuinton Fortune, abathi i-Egypt yaphucwa igoli elisemthethweni.
UCollina uthi njalo uma kushaywa igoli, iVAR ihlola sonke isigaba sokuhlasela esiholele kulelo goli.
“Ngemuva kwalo lonke igoli, iVAR ihlola sonke isigaba sokuhlasela,” kusho le nsizwa eyayingunompempe ohlonishwayo.
“Uma kutholakala ukuthi kube nephutha elithinte ukwakheka kwegoli, unompempe uyelulekwa ukuthi ayobuka iVAR.”
Uthi akukho mthetho obeka umkhawulo wokuthi iphutha kufanele libe seduze kangakanani nepali noma isikhathi esingakanani ngaphambi kokushaywa kwalo.
Uveze ukuthi umdlali we-Egypt uMarwan Attia wanyathela onyaweni lukaLisandro Martínez ngesikhathi kuqala umnyakazo wokuhlasela.
“Iphutha lihlala liyiphutha. Uma unompempe engalibonanga enkundleni, iVAR inelungelo lokungenelela,” kusho yena.
- FUNDA NALA | Usexoliselwe uMofokong ngokudelela iChiefs
U-Pierluigi Collina uphinde wathi isigameko esithinta uMohamed Salah noJulián Álvarez sabhekwa njengokuthintana okujwayelekile ebholeni, yingakho unompempe neVAR bengazange bangenelele.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
