
Usexoliseliwe uMofokeng ngokugcona abeChiefs
Unina ka-Relebohile Mofokeng, uNaomi Mofokeng, usecelele le ndodana yakhe uxolo kubalandeli be-Kaizer Chiefs.
Lokhu kuza ngemuva kwamazwi akhishwe yindodana yakhe adale umsindo ngesikhathi somcimbi wokuyivalelisa ngaphambi kokuthuthela eBelgium.
UMofokeng, osanda kujoyina iqembu laseBelgium i-Union Saint-Gilloise, ubebonga bonke abamesekile ngesikhathi esadlalela i-Orlando Pirates.
Kodwa ngesikhathi ekhuluma, wenze ihlaya wathi iChiefs isizophefumula njengoba eseshiya ebholeni laseNingizimu Afrika.
Lawo mazwi asabalale ngokushesha ezinkundleni zokuxhumana, kwahlukaniseka imibono yabalandeli.
Abanye abalandeli bePirates bathe bekuyihlaya nje, kanti abanye beChiefs bazwe sengathi bekubahlambalaza.
Kwividiyo esiphinde yasabalala, uNaomi Mofokeng ubonakale ecela uxolo egameni lendodana yakhe.
“Siyaxolisa. Ningakuthathi kabi lokhu. Uyafana nje nomntwana othanda ukuzihlekisela, ubengenanhloso embi,” kusho yena.
“Ubezintelela nje. Niyamazi uRele, ungumfana othobekile futhi ohloniphayo. Siyaxolisa kubalandeli beMakhosi ngoba siyabathanda kakhulu.”
Amazwi kaNaomi amukelwe kahle ngabalandeli abaningi, abathi lokhu kungasiza ukupholisa isimo.
U-Relebohile Mofokeng ubengakaxolisi ngokwakhe kubalandeli be-Kaizer Chiefs abathinteke kabi ngalamazwi akhe.
- FUNDA NALA | IChiefs seyethule ijezi layo elisha
Nokho sekubhekwe ukuthi agxile ekuqaleni isahluko esisha somsebenzi wakhe eBelgium, lapho kulindeleke ukuthi aqhubeke nokukhombisa ikhono lakhe ebholeni laseYurophu.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
