
UTso Vilakazi usekhwele wadilika kuBroos ‘odidwa wuthando’
Inkakha yakuleli, uBennedict ‘Tso’ Vilakazi isisole umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos ngokuvalwa amehlo wuthando.
UVilakazi ukhala ngokuthi lo mqeqeshi ukhetha iphela emasini uma eqoka iqembu lakhe ngoba ushiya nabadlali okungafanele.
“Mqeqeshi, lalela. Uma kunento eyodw esengiyifundile ngawe wukuthi uthando aluboni ngampela,” kusho uVilakazi.
“Yini eyenza ngithi uthando aluboni – nakhu okwenzila ukungikhombisa lokho…
“Uqoke abadlali ngokuthi uyabathanda, hhayi ngokuthi badlala kanjani emaqenjini abo.”
Ube esebala abadlalali athi baqokwa ngisho bengadlalali emaqenjini abo ngoba lo mqeqeshi uyabathanda.
Phakathi kwabo ubale uNkosinathi Sibisi we-Orlando Pirates, uYaya Sithole noTeboho Mokwena noKhuliso Mudau beMamelodi Sundowns.
“USibisi ubengadlali kwiPirates, kudlala uMbokazi noSeema kodwa ubehlezi eseqenjini lesizwe.
“Uphinde waqoka uYaya Sithole ekubeni kade engadlali ngoba elimele, waya kwi-Afcon.
“Wathatha uXulu waya naye kwi-Afcon engenaqembu. Wake waqoka oTebza noMudau ngesikhathi umqeqeshi uManqoba Mngqithi engabadlalisi kwiSundonws.
“Kodwa babedlala eqenjini lesizwe. Kwaze kwaba nezinkulumo zokuthi ingabe baqashelwe ukuthi badlale kwiBafana Bafana noma kwiSundowns.
“Yingoba babengadlali kwiSundowns, kodwa bedlala eqenjini lesizwe. Manje angazi ngokohlaka lwakho lokukhetha abadlali.
“Kuyakhathaza nokuthi uma umdlali ungamthandi, akusho lutho kuwe ukuthi wenza kahle kanjani – awumqoki.
“Babili abadlali engizobabalula – uPercy Tau noThembinkosi Lorch… Benza kahle kakhulu.
“Simbonile uLorch kwiClub World Cup enza kahle kakhulu, kodwa awukucabangi nje ukumbizela eqenjini lesizwe.
“Uyazi kungani? Yingoba uthando lukuvale amehlo,” kwengeza le ngwazi yeBafana.
Kumele kubalulwe nokho ukuthi uBroos wayekubeke kwacaca efika ukuthi abadlali asebengaphezu kuka-30 ngeke agxile kubo.
Bobabili uTau noLorch sebedlulile kuleyo minyaka. Kodwa ke uTau njengoba ayekhona iqalwa le ndlela kaBroos, bekungaqondakala uma emthatha.
UTso Vilakazi ube esenza isibonelo ngabagadli, ethi uHugo Broos uziqokela abathandayo hhayi abenza kahle ngaleso sikhathi.
FUNDA NALA | Uhlomela ikusasa ngemfundo owePirates
Uthe ngokwezibalo njengamanje uLyle Foster akenzi kahle. Ngokufanayo no-Evidence Makgopa, kodwa yibo abaqokiwe.
Uthe ngokwezibalo u-Iqraam Rayners nguye okumele ngabe nguyena mgadli esithembele kuye njengezwe, bese elandelwa uYanela Mbuthuma.
