EzintshaKaizer Chiefs

‘Izimpawu’ zika-Ilyes Mzoughi zikhomba ukushiya kwiChiefs

Lo mqeqeshi ozakhele igama kubalandeli ngokukhombisa uthandi kubadlali, ususe isiphithiphithi ngakushicilele ezinkundleni zokuxhumana.

U-Ilyes Mzoughi ungene ku-Instagram wafaka izithombe eziveza izikhathi zakhe kwiKaizer Chiefs ezibonakala ziwuphawu lokuvalelisa.

Kukhona umlandeli obe esethatha lezi zithombe wazenza ividiyo esisabalele ezinkundleni zokuxhumana.

Lezi zithombe zibonisa izikhathi ezibalulekile zesikhathi sakhe kwiChiefs okubalwa ukujabulela imiphumela nokunye.

Kubalandeli beKaizer Chiefs, isithombe sivele sacaca bha: U-Ilyes Mzoughi uyavalelisa.

Isikhathi uMzoughi afake ngaso lezi zithombe siqondane nesinzima ethimbeni labaqeqeshi njengoba abalandeli befuna bakhonjwe indlela abafika ngayo. 

Ukumbona efaka lezi zithombe ezikhombisa izikhathi zakhe ezimnandi eqenjini kubonakale njengokuvalelisa.

‘Uvalelisa’ nje lo mqeqeshi iqembu libhekene nenkinga yonozinti nengcindezi eqhubekayo ngokusebenza kweqembu enkundleni.

Kuleli sonto kuvele amahlebezi okuthi abaqeqeshi uCedric Kaze noKhalil Ben Youssef bacelwe ukuthi bazibeke phansi izintambo zokuhola leli qembu.

Kodwa kuvele ukuthi banqabile ukuzihambela ngokwabo njengoba benomuzwa wokuthi basengakwazi ukufeza izinhloso ababekelwe zona.

Futhi nakuba ikilabhu ingakasikhiphi isitatimende esisemthethweni, isikhathi salezi zithombe zikaMzoughi sibukeka sikhuluma okuthile. 

Izigaba zokuphawula kwi-Instagram sezivele zigcwele izimpendulo zabalandeli ababuza ukuthi, “Ingabe lesi yisiphetho?” abanye bayamncenga bathi, “Ungasishiyi mqeqeshi!”.

Njengoba lezi zithombe sezisuse igidigidi nje, abaphathi beqembu babhekwe emehlweni ngabalandeli.

Idlanzana labalandeli libambe umbhikisho obubheke ekomkhulu leChiefs ngoMgqibelo edlule.

Lifike lashiya uhla lwezikhalo okubalwa kuzo esokuthi kuxoshwe abaqeqeshi, kuqashwe ithimba elisha. Buka le vidiyo ngezansi: