
UManqoba Mngqithi useyihlonzile into elimaza i-Arrows
Umqeqeshi weGolden Arrows, uManqoba Mngqithi ukholwa wukuthi useyibambile inkinga egqilaza leli qembu lakhe elidonsa kanzima muva nje.
Abafana Bes’thende sebedlale imidlalo emine ngaphandle kokunqoba njengoba bebhekene nengwadla kwiBetway Premiership.
Leli qembu elizinze eThekwini lihlulwe okwesibili kulandelana kwiligi ngoMgqibelo, lihlulwa ngo 3-0 yiStellenbosch FC.
I-Arrows kumanje seyisendaweni ka-13 kwilogi yePremiership njengoba inamaphuzu angu-26 emidlalweni engu-23.
UManqoba Mngqithi ukhulume nabezindaba ngemuva kokuhlulwa kwabo yiStellenbosch eMpumalanga Stadium ngoMgqibelo.
Kulapho eveze khona ukuthi iqembu lakhe beliyilawula le midlalo emine edlule lapho lihlulekile khona ukunqoba, okukhombisa ukuthi akukunbi kangako.
Kodwa-ke, unomuzwa wokuthi into elimaza i-Arrows wukuhluleka ukuqedela amathuba ewakhayo nokudedela amagoli ‘angasile’.
“Ngiphatheke kabi ngoba emidlalweni emine edlule angikhumbuli noma yimuphi umdlalo lapho besilandela izithunzi khona,” kusho uManqoba Mngqithi.
“Ngicabanga ukuthi kuyo yonke le midlalo, besiliphethe ibhola; futhi sakha amathuba amahle.
“Kodwa ngeshwa, uma ungawasebenzisi amathuba akho, nakanjani uzodedela amagoli angafanele njengoba senza.
“Singenelwe yigoli elingacacile kwiMarumo Gallants; singenelwe yigoli elifanayo kuMaZulu FC emdlalweni odlule.
“Sihlulwe amathuba alula sibhekene neChippa United ngaphambi kwalokho.
“Kuyiqiniso ukuthi kufanele sisebenze kanzima ukuze sizame ukusebenzisa amathuba esiwakhayo ngoba ngicabanga ukuthi lokho kuyasigqiaza.
“Kodwa siphinde sidedele amagoli uma ngendlela exakayo. Lokho kuyishwa elikhulu, kodwa ngisaqiniseka ukuthi sizokwenza kangcono.”
I-Arrows izobe ihlose ukujika izinto uma isibhekene ne-Orlando Pirates emdlalweni weligi eMoses Mabhida Stadium ngoLwesibili.
