Bafana BafanaEzintsha

UBroos uyathimula ngoSirino kwiBafana, uveza isizathu

UGaston Sirino ngomunye wabadlali okunabathile abafuna angene kwiBafana Bafana njengoba esonobuzwe bakuleli.

Lo mdlali oneminyaka engu-33 odabuka e-Uruguay usefomini enhle kusukela efike kwiKaizer Chiefs ekuqaleni kwesizini. 

Ufike kuleli ngoJanuwari ka-2018 ezodlala kwiMamelodi Sundowns kanti njengoba esehlale ngaphezu kweminyaka emihlanu, usenobuzwe bakuleli. 

Okwenza ukuthi afaneleke ukudlala kwiBafana wukuthi akakaze adlale eqenjini lesizwe langakubo. 

Nangesikhathi esadlala kwiSundowns, la enqobe khona indathane yezicoco, kwake kwanezinkulumo zokuthi afakwe kwiBafana. 

Seziqale phansi lezi zinkulumo njengoba lo mdlali omfishanyana enza kahle kwiChiefs, kodwa uBroos uyamchitha. 

“Kumele ngikhulume iqiniso nje kulokho,” kusho uBroos ephendula umbuzo ngokuthi uke wamcabanga yini uSirino. 

UBroos ubekhuluma nabezindaba ngemuva kokumemezela isikwati sakhe azodlala ngaso imidlalo ezayo yokuhlungela iCaf Africa Cup of Nations.

“Ngiyazi ukuthi uSirino ungumdlali omuhle kakhulu. Ngiyazi nokuthi ubalulekile kakhulu kwiChiefs. 

“Kodwa akalona uhlobo lomdlali engimfunayo. Okwesibili, useneminyaka engu-34, uma ngicabanga. 

“Sekunezinyanga ngibheka omunye ongadlala njengoThemba Zwane ngakho ngeke ngiphinde ngithathe omunye umdlali osekhulile. 

“Bengifuna ukuthola umdlali osemncane. Ngakho uSirino, yize engumdlali omuhle, kodwa akangeni kulo mbono enginawo.”