EzintshaMamelodi Sundowns

UMngqithi uphawula ngokugxalwa kwiSundowns

Obeyengumqeqeshi weMamelodi Sundowns, uManqoba Mngqithi, usekhulume okokuqala ngokuxoshwa kwakhe kwakamuva.

Lo mqeqeshi oneminyaka engu-53 ubudala uthathe izintambo ngemuva kokuhamba kukaRulani Mokwena ngaphambi kwesizini ka-2024/25. 

Uhole iqembu emidlalweni engu-22, wanqoba engu-16 ngaphambi kokuthi akhonjwe indlela kuleli sonto.

Yize iSundowns ihlezi esicongweni kwiBetway Premiership, leli qembu linqume ukuhlukana noMngqithi. 

Lokhu kulandela ukuphuma kowandulela owamanqamu kwiMTN8, ukuhlulwa kowamanqamu kwiCarling Knockout, nokudlala ngokulingana kabili kwiCaf Champions League.

UMngqithi uthi akanawo amagqubu futhi ucabanga ngesikhathi sakhe kwiSundowns ngokuziqhenya nezinkumbulo ezinhle.

“Emsebenzini wami webhola ngike ngaba kulento yokuhlezi ngingena ngiphuma,” kusho uMngithi ekhulula kwiMarawa Sports Worldwide.

“Ngifuna ukubonga iSundowns ngalokho engenzele yona eminyakeni edlule. 

“Angifuni ukuba yilolo hlobo lwensizwa uma ubudlelwano buphela bube bubi ngokweqile ngoba bengingeke ngibe kwiSundowns yonke leyo minyaka 

“Sengineminyaka eminingi ngikhona futhi bengijabule esikhathini sami kuleli qembu, ngiwine inqwaba yezindebe. 

“Ngisho nangesikhathi sami manje, benginethimba abaqeqeshi elijabulisayo futhi ngicabanga ukuthi benze konke okusemandleni abo. 

“Ngihlezi lapha nje ngiziqhenya kakhulu, ngiyazi ukuthi ngenze konke okusemandleni ami futhi angikwazi ukukhononda.

“Ngenxa yemidlalo engihlulwe kuyo, imidlalo yezindebe, ngisakholelwa ukuthi umdlalo neStellenbosch waba yisikhathi esimuncu, ngoba yilapho engingenzanga kahle khona. 

“Lokho kwakusesigabeni sokuqala sesikhathi sami njengomqeqeshi.

“Kodwa kusukela lapho yonke imidlalo esiyidlalile siyidlale kangcono kakhulu, futhi naleyo esingazange siyiwinile, bekufanele ukuyinqoba ngamalengiso.”

Ubalule nomdlalo wakhe wokugcina, bebhekene ne-AS FAR athi babengabhekiwe kuwo, kodwa bakwazi ukuphuma nephuzu yize bekunzima. 

Uthe ujabule ukuthola ithuba lokuthi ake akhululeke njengoba ehlale iminyaka engu-11 eqenjini elinengcindezi enkulu.

“Uma ngikhuluma iqiniso manje, ngijabulela nje isikhathi sokuphuma kulesi simo sengcindezi enkuu ebengikuso kule minyaka engu-11 edlule.”