EzintshaKaizer Chiefs

UMakaab ubhoboka ngokwavimba uKodisang ukujoyina iChiefs 

Uveze ukuthi kwaba wukungavumelani ngemali okwamisa uKobamelo Kodisang ekutheni abuyele kwiKaizer Chiefs ngesikhathi esuka phesheya.

Lo mdlali wasophikweni esiswini ugcine ebuyile kuleli ngesizini edlule – ebuyela kwiMamelodi Sundowns.

Njengamanje uKodisang ubolekiswe eqenjini lasePortugal i-AVS Futebol SAD ngemuva kokuhlala isizini eyodwa kwiDowns..

Unethemba lokuvuselela umsebenzi wakhe ngemuva kokuhluleka ukungena esikimini kuleli qemnu laseChloorkop ngesizini edlule. 

Esikhathini asihlale kwiSundowns, lo mdlali oneminyaka engu-24 ubudala ushaye amagoli amabili, wakhela nozakwabo amabili emidlalweni engu-13 kuyo yonke imiqhudelwano.

Ngaphambi kokubuyela eNingizimu Afrika, uKobamelo Kodisang wayenza kahle kakhulu kwiMoreirense FC khona ePortugal. 

Nokho kumasizini ambalwa edlule, esesemabhukwini eSporting Braga, iChiefs yakhombisa intshisekelo yokumbuyisa ekhaya.

Isivumelwano nokho asizange siphumelele ngenxa yemali eyayifunwa yiBraga ngalo mdlali, kusho uMakaab kwiFARPost.

“Bekunentshisekelo evela kwiKaizer Chiefs, kodwa kumele uqonde ukuthi ngaleso sikhathi wayenenkontileka neBraga, ebolekiswe kwiMoreirense,” kusho uMakaab.

“Futhi iBraga yayingeke imkhulule ngemali encane; yayimazisa kakhulu. Ngakho-ke lokho yikhona okwaba yisithiyo esikhulu.”

UMakaab wengeze ngokuthi ukudayiselana ngabadlali ebholeni akuvamile ukuthi kube yinto eqondile, ikakhulukazi uma kunamakilabhu amaningi abandanyekayo.

“Kulula ukukhomba iminwe ekilabhini yebhola, umdlali, noma imenenja uma ubuka ungaphandle,” kuqhuba uMakaab.

Usho kanjena nje kunenkolelo kubalandeli beChiefs yokuthi le menenja ayifuni nabadlali bayo abaphambili ukuthi baye kuleli qembu. 

“Kufanele siqonde ukuthi lezi zinto kufanele ziqondane — ikilabhu ethengayo naleyo edayisayo kumele abe nokuzwana ngezingxoxo. 

“Ukudayiselana kuba lula kuphela uma umdlali engenaqembu. Ngakho yebo, yayikhona intshisekelo, kodwa akukho okusemthethweni okwabekwa etafuleni.”

Ikusasa likaKodisang njengamanje alicaci kahle njengoba ukudlala kwakhe ePortugal kungase kunqume ukuthi ubuyela yini kwiSundowns noma ufuna inselelo entsha kwenye indawo.