EzintshaOrlando Pirates

UTito Maswanganyi uveza okusize iPirates isisenkingeni

UMaswanganyi nguye ovalele igoli abanqobe ngalo beshaya iPolokwane City ngo 2-1 emdlalweni weBetway Premiership e-Old Peter Mokaba Stadium.

Kuleli goli udlale ngokuhlangana okuhle nozakwabo, ikakhulukazi uDeon Hotto ngesikhathi izinto zibukeka sezisinda eqenjini labo. 

UPatrick Maswanganyi ubengene ngemuva kokuthi abalandeli bememeze igama lakhe, kanti nangempela uzofike abe nomthelela omkhulu.

Kuke kwabukeka umdlalo uzophela zibambene ngemuva kokulinganisa kwePolokwane sekubhekwe esikhathi esengezwe unompempe.

Echaza ngaleli goli ngemuva komdlalo, uHotto – okunguye ogobele uMaswanganyi ibhola – uthe wumpumela wabakuhlanganisa ejimini. 

“Empeleni lona wumnyakazo esisaye siwenze ejimini,” kuchaza uHotto ngaleli goli.

“Siyajabula ukuthi ube nempumelelo namuhla. Ngijabule nangokuthi uTito ubesendaweni enhle ngesikhathi esihle.”

UTito yena uveze ukuthi okubasizile wukuthi bengathuki ngesikhathi iPolokwane ilinganisa, ibafaka ingcindezi embi.

“Asizange sitatazele ngemuva kokuthi singenelwe yigoli abalinganise ngalo,” kuchaza uMaswanganyi.

“Siqhubekile nokwakha amathuba futhi besazi ukuthi lizovela elizosebenziseka.

“Ngicabanga ukuthi liqhamuke ngesikhathi esikahle kakhulu. Besingashaya amanye amagoli amaningi ngaphambi kokuthi baze balinganise.

“Kodwa ke kube ngomunye waleyo midlalo la sihlulwe khona inqwaba yamathuba.

“Kodwa ke sizokwakhela phezu kwakho lokho, siqhubeke silwele ukuwasebenzisa emidlalweni ezayo.”

Njengoba engene wenza umehluko obonakalayo, uPatrick Maswanganyi usezothemba ukuthi uzoqhubeka nalo mgqiqgo kuze kuphele isizini.

IPirates izimisele kakhulu ngesicoco seligi kule sizini, futhi kusayihambela kahle okwamanje.

Emdlalweni olandelayo izokwamukela iRichards Bay e-Olrando Stadium ngoLwesithathu oluzayo.