
UMagidigidi ‘ugide’ ekhanda le-Arrows esiza iSiwelele iqhwakele
ISiwelele FC iqale ngegiya eliphezulu, inqoba ngo 3-1 ihlula iLamontville Golden Arrows emdlalweni weBetway Premiership.
Lo mdlalo obuseDr Molemela Stadium ngoMgqibelo ebusuku uqale ngegiya eliphezulu – womabili amaqembu engancengani.
Iqembu lasekhaya likhombisile ukuthi ngeke livume ukuhlulwa phambi kwabalandeli balo, uSiviwe Magidigidi elibeka phambili ngomzuzu ka-10.
Ngesikhathi i-Arrows ifuna indlela yokubuyela emdlalweni, elinye iphutha emuva liphe uVincent Pule igoli – akangalenza iphutha, wwabeka iSiwelele phammbili ngo 2-0.
Isiwombe sesibili siqale ngendlela ethembisayo kuBafana Besthende, kwathi uKeenan Phillips wayibuyisa emdlalweni ngegoli elenze kwaba u 2-1 ngomzuzu ka-50.
Nokho uMagidigidi ubengakaqedi. Ube eseqinisekisa ukuthi amaphuzu asala wonke eFree State ngegoli lakhe lesibili ngomzuzu ka-56.
FUNDA NALA | USALE EBAKAZA OWEPIRATES ISEKHUKHUNE IMKHUTHUZA
Leli goli lenze kwaqansa kakhulu kwi-Arrows, kwacaca ukuthi izobuyela eThekwini imisila ingaphansi kwemilenze futhi ishwiba izandla.
Lona bekuwumdlalo wokuqala weSiwele futhi iwudlale phambi kwenkundla ebigcwele phama njengoba amathikithi alo mdlalo edayiswe aphela.
Lo mphumela uthathe iSiwelele – eyiqembu elisha kwiPSL – wayibeka phezulu kwilogi yeBetway Premiership ngemuva kwemidlalo yosuku lokuqala.
