
Owe-Adidas uthi iPirates ‘izothrenda’ ngomswenko kowamanqamu
Isikhulu sakwa-Adidas, uBob Maphosa sesithembise ukuthi bawenzile owabo umsebenzi wokufaka umfutho kwi-Orlando Pirates ngaphambi komdlalo wangoMgqibelo.
IPirates izogadulisana neKaizer Chiefs emdlalweni wamanqamu weNedbank Cup eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Ngokuvamisile, uma i-Orlando Pirates izodlala umdlalo omkhulu, ingena enkundleni ishaye umswenko omusha nongajwayelekile we-Adidas.
Le miswenko yayo iyaye idlise, futhi ithrende ezinkundleni zokuxhumana, abalandeli bayo bechomela abanye ngawo.
Nakuloku uMaphosa uthi ngeke bashaye eceleni njengoba bezoliswenkisa liconse leli qembu asebesebenzisane nalo iminyakanyaka.
“Mhlawumbe esiphezu kwakho manje thina wukuthi uma sesiyithathile le ndebe, umbukiso wayo sizowenza nini,” kusho uMaphosa sakuchoma.
“Kodwa ke kuqala uma sethula ijezi elihle bese sisebenza njalo kuze kube iyosongwa. Abantu abasilandele ezinkundleni zokuxhumana babone esikuphethe.
“Yilapho bezobona khona ukuthi uma ingena enkundleni kusasa (ngoMgqibelo) izobe igqoke kanjani.
“Ngenxa yokuthi ineqembu elinabafana abasebancane, kuyafaneleka ukuthi uma ubabona oRele Mofokeng, oMbekezeli Mbokazi noThabiso Sesane bebe begqoke kahle.
“Akume uma iqembu ligqokile, njalo kube sengathi liya ejimini. Akube nomehluko wokuthi namuhla liyahamba liya kwenye indawo akabukeke kanje ngawo u-Adidas.
“Uma esejimini, akabukeke kanje… Noma esephakathi emdlalweni, ngendlela esilakha ngayo ijezi sisuke sicabangela umdlali.
“Njengoba sekudlalwa njalo ngezimpelasonto naphakathi kwesonto, abadlali bahlezi besendleleni.
“Siyafuna ukuthi bakhululeke lapho behhleli khona futhi bafaneleke ukuze uma efika la eya khona abonakale.
“Ulwazi namava esinawo kwenza kube lula ukusebenzisana kwethu nePirates ukuthi sivumelana ngokuthi kumele iqembu libukeke kanjani.”
Uqhube wathi sebevele baqalile ukulungisela ijezi lesiziniezayo, wanxenxa abalandeli ukuthi baqhubeke nokubeseka ngokulithenga ngobuningi.
