EzintshaKaizer Chiefs

UTeko Modise usola izinga labadlali kwiChiefs, hhayi uNabi

Le nsizwa eyazakhela igama kwi-Orlando Pirates, yadlala nakwiMamelodi Sundowns ithi akumele kusolwe uNasreddine Nabi kuphela ngesimo seChiefs. 

IChiefs njengamanje isengcupheni yokuphinde iqede ngaphandle kwamaqembu ayisishiyagalombili aphezulu kwiligi. 

Lokhu kungaba yihlazo elibi nelingakhomba ukuthi alukho ushintsho afike nalo uNabi odabuka eTunisia. 

Nokho uNabi engakwazi ukucubuza amagade kubalandeli baMakhosi ngokuthi anqobe iNedbank Cup ngoMgqibelo.

IChiefs izowudlala ne-Orlando Pirates owamanqamu wale ndebe eMoses Mabhida Stadium eThekwini. 

“Yize sikubona ukuthi uNabi akanaso isikhathi esiningi, kodwa ngabe unabo abadlali abasezingeni?,” kubuza uModise.

“Inkinga akekho ofuna ukukhuluma ngezinga labadlali beKaizer Chiefs – kuhlezi kusolwa abaqeqeshi. 

“Kungani kushintshwa abaqeqeshi njalo, kodwa abadlali bona kuseyilabo abadala? Ubani ke inkinga uma kunjalo? 

“Uma ufuna iChiefs inqobe, kumele ubheke ngokungenzeleli ukuthi ikuliphi izinga, nokuthi incintisana namaqembu akuliphi izinga ngokwabadlali.”

UTeko Modise ubegeqa amagula engxoxweni abe nayo neSABC Sport, la ethi akumele kusolwe uNasreddine Nabi kuphela. 

“Kumele ngabe incintisana neMamelodi Sundowns noma i-Orlando Pirates futhi angikhulumi ngokwezindebe, ngisho ngokwabadlali.

“Kusukela ekusungulweni kwayo iKaizer Chiefs beyakhelwe phezu kwabadlali abayizihlabani ezisezingeni eliphezulu.

“Kodwa manje usuze uzibuze ukuthi kungani namanje sisathi umqeqeshi usazama ukuhlanganisa isikimu azodla ngaso kube sekusele imidlalo emine.

“Kuyakhathaza lokho bekukhona isikhathi sokulungiselela isizini la kumele kwenziwe khona lokho, kwadlalwa nemidlalo yokungani ukwenza konke lokho. 

“KwiPirates uyazi ukuthi ubani ozodlala – futhi uma ubheka uhla lwabaqala umdlalo, uyabona ukuthi yizinkabi okukade zaziboshelwa eseziyizethejwa.” 

UTeko Modise uphinde wakhalela uNasreddine Nabi ngokuba neshwa lokulinyalelwa abadlali njalo okuphoqa ukuthi agcine esebenzisa abangenzi kahle. 

“Ngeke unqobe indebe ungenalo iqembu eliqondile eliqala imidlalo,” kuqhuba yena. 

“Njengomdlali kumele ngidlale nabantu engibaziyo nengijwayele ukudlala nabo. Kumele ngazi ukuthi u-Itu (Itumeleng Khune) ungumuntu onjani ukuze ngikwazi ukumuzwa ngisho engazange asho lutho.

“Kuzobe kugcwele phama abantu eMoses mabhida, ucabanga ukuthi ngizomuzwa u-Itu uma engitshela ukuthi kukhona osondela kimi ukuzongimaka? 

“Ngeke ngimuzwe kodwa uma sesijwayelene siyakwazi ukufundana ukuthi sithini futhi lokho kwakhiwa ngesikhathi kulungiselelwa isizini. 

“Ukwazana kahle nozakwenu, umazi ukuthi uma izinto zingamhambeli kahle umbona kanjani.

“Ngikholwa wukuthi uNabi uke wakuthola lokho, kodwa ube neshwa akakwazi ukuba neqembu eliqinile njalo azodlala ngalo – uhlezi elinyalelwe. 

“Kuthi njalo uma iqembu liqala ukuhlangana, bese kuba khona abalimalayo… 

“Sigakhala nje nangabagadli sithi yibo abahluleka ukushaya amagoli. Kodwa sithini ngabadlali basezimpikweni abadlala imidlalo engu-40 noma 50 ebe namagoli amabili kuphela? 

“Bese sithi labo bantu badlala kahle, bayalisebenzela iqembu? Kahleni bo. Kuphi khona?”