Ezintsha

IChippa isigxale umqeqeshi uDan Malesela

I-Chippa United isithathe isinqumo sokuhlukana no-Dan Malesela obengumqeqeshi weqembu layo leDStv Diski Challenge ngenxa yemiphumela engemihle.

Ngokubika kwe-iDiski Times, leli qembu elaziwa ngeChilli Boys selinqamule ubudlelwano noMalesela, owaziwa ngelikaDan Dance.

Lokhu kwenzeke njengoba iqembu lisendaweni ka-15 ngamaphuzu amathathu emidlalweni emihlanu.

Akukacaci ukuthi ngubani ozobe ephethe iqembu emdlalweni walo olandelayo neMilford FC e-UJ Stadium.

U-Dan Malesela waqashwa njengomphathi wezokuthuthukiswa kwabadlali ngemuva kokuthi i-Chippa United ithathe ubuholi be-Africa School of Excellence ekuqaleni kuka-Agasti. 

Ube eseqokwa njengomqeqeshi weqembu le-DDC kule sizini.

IChippa iqale kahle ngokushaya iStellenbosch FC ngo 2-1, kodwa izinto zashintsha ngokushesha.

Ihlulwe emidlalweni emine ilandelana ibhekene neSiwelele FC, iLamontville Golden Arrows, iSekhukhune United neMamelodi Sundowns.

Okukhathaza kakhulu wukuthi iChippa isingenelwe amagoli angu-19 kule midlalo emine, nokuyinto efake ingcindezi enkulu kubadlali nabaqeqeshi.