EzintshaOrlando Pirates

Isinqumo sikanina kaRele Mofokeng esamvulela ithuba ebhooleni

Emkhankasweni omusha we-Adidas, i-Plus One Effect, uNaomi udalule obekungaziwa ngokuthi wazidela kanjani ukuze indodana yakhe ifeze iphupho layo. 

Njengamanje useneminyaka engu-20 kuphela ubudala, kodwa uRele Mofokeng usengomunye wabadlali abavelele ebholeni laseNingizimu Afrika. 

Kodwa impumelelo yakhe ayizange ifike ngaphandle kwezinqumo ezinzima ezenziwa ngunina ukumvulela amathuba angcono.

“Isinqumo esinzima kunazo zonke engake ngasenza empilweni kwaba ukuthumela uRele esikoleni okuhlalwa kuso lapho eneminyaka engu-13 nje kuphela,” kusho uNaomi.

“Wayengahlala elokishini lethu futhi afunde esikoleni sendawo, kodwa ngangazi ukuthi amathuba afanele ale kude nasekhaya. 

“Ngangimbona kanye kuphela ngenyanga iminyaka emihlanu yonke. Kwakubuhlugu lokho, kodwa kwakuwukuzidela okwakudingeka ngikwenze ukuze abe nekusasa elingcono.”

UMofokeng ukhulele eSoweto kanti wangena eSafa Transnet School of Excellence esemcnane. 

Ithuba lakhe elikhulu liqhamuke ngo-2022 ngesikhathi ebonwa yi-Orlando Pirates qede yathatheka ngekhono lakhe.

Uqale ukudlala eqenjini elikhulu ngesizini yakhe yokuqala ekhushulelwe kulo kanti kumanje usengomunye wababizwa njalo kwiBafana Bafana. 

Ikhono lakhe, nokukwazi ukumelana nezimo ezinengcindezi sekwenze uRele Mofokeng omunye wabadlali okubhekwe liukhulu kubo futhi abayintandokazi yabalandeli.

“Ukuba nabazali bami bobabili eduze nami kuyinto enkulu kimi,” kusho uRele Mofokeng. 

“Bayangikhuthaza. Ukuthi sinqobile noma sihluliwe, bebelokhu bekholelwa kimi nekhono lami.”

Manje ngesizini yakhe yesibili nePirates, uRele Mofokeng usathobekile futhi usasebenza ngokuzikhandla. 

Uncoma uthando nokuzidela kukanina ngohambo lwakhe. Sekuke kwavela nokuthi kunamaqembu aphesheya amfisayo

Unina uneseluleko esimqoka kuye: “Uma wazi ukuthi usukaphi, uzohlale wazi ukuthi uyaphi.”

Njengoba uMofokeng eqhubeka nokukhula ebholeni, nomthelela walabo abebemeseka kusukela ekuqaleni usemkhulu.

Lo mdlali osemncane ungomunye wabadlali okulindeleke ukuthi badlale indima enkulu njengoba iPirates izobhekana neKaizer Chiefs kowamanqamu weNedbank Cup ngoMgqibelo.

Umdlalo useMoses Mabhida Stadium uthembisa ukuthi uzojabulisa umzuzu nomzuzu njengoba womabili lamaqembu eyidinga le ndebe.