
UMabhuti Khenyeza ubuyela kwPSL, uyocija iqembu elikhulu
Owayengumqeqeshi weGolden Arrows, uMabhuti Khenyeza, usebuyele kwiPremier Soccer League ngemuva kokuhlala izinyanga ezinhlanu kwiligi yama-amesha.
UMabhuti Khenyeza noThabo September baqashwe yiqembu elifuna ukuvelela elidlala kwi-ABC Motsepe League e-Eastern Cape, iKomani United ngoJuni.
USeptember ujoyine njengomqondisi wabaqeqeshi kwathi uKhenyeza yena waqashwa njengomqeqeshi njengoba le kilabhu ibheke ukukhushulelwa kwiMotsepe Foundation Championship.
Laba bobabili basebenze kahle ndawonye kwiChippa United ngesizini edlule ngaphambi kokuthi bakhululwe ekupheleni kwesizini yize bebenze kahle.
Kodwa umsebenzi ababewenzile wabonwa yizikhulu zeKomani United ezahamba ngokushesha ukuze zibalande.
Nokho umthombo weLisenethini uveze ukuthi uMabhuti Khenyeza uselishiyile leli qembu kanti uzothatha izintambo kwiBlack Leopards njengomqeqeshi.
Uzongena esikhundleni sikaJoel Masutha oshiye leli qembu ngempelasonto edlule, eveza ukuba muncu kobudlelwano nabaphathi njengesizathu sakhe sokushiya.
FUNDA NALA | IDowns nesimo esibucayo ngoMkhulise
UKhenyeza akazange avalelise ngendlela abengafisa ngayo kwiKomani njengoba ekhishwe ngekhadi elibomvu emdlalweni wakhe wokugcina ngempelasonto edlule.
Nokho kuzomele asheshe akhohlwe yikho konke lokho njengoba ethatha izintambo kwelinye lamaqembu ahlonishwa kakhulu futhi asekwa kakhulu esifundeni saseVenda.
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
