DStv PremiershipEzintsha

Ulingwe yini uMaduka eqalisa u-Andile Mpisane? Uyachaza

U-Andile Mpisane ususe izinkulumompikiswano kulandela ukudlala kwakhe okungagculisanga eqenjini lakhe iRoyal AM ngoMgqibelo.

Ebukeka enesisindo eseqile kwesifuneka kumdlali webhola elikhokhelayo, uMpisane uqale emdlalweni wokuqala wesizini weqembu lakhe kule sizini.

IRoyal AM idlale ngokulingana ibhekene neCape Town City ngo 1-1 emdlalweni weBetway Premiership eHarry Gwala Stadium.

UMpisane udlale imizuzu engu-51 emdlalweni wakhe wokuqala kule sizini. 

Uthinte ibhola amahlandla angu-12 futhi wakwazi ukushaya amaphasi amane kuphela aphelele la abelifuna khona ibhola. 

Bekubukeka sengathi ozakwabo bazama ngayo yonke indlela ukuthi ibhola lingayi ngala ekhona.

Ukufakwa kwakhe esikimini nje kukodwa kuvuse isasasa, kwase kuthi indlela adlale ngayo yaqubula imibono ehlukahlukene emphakathini webhola lakuleli.

Ekhuluma nabezindaba ngemuva komdlalo, umqeqeshi weRoyal AM uJohn Maduka uchaze isinqumo sakhe sokunika uMpisane ithuba.

“Ukuza odabeni lukasihlalo (uMpisane), yebo simnikeze ithuba,” kusho uMaduka.

“Wenze konke obekufanele akwenze, kodwa kwafika isikhathi sokwenza ushintsho ukuze sibheke omunye umdlali. 

“Engiqonde ukukusho wukuthi lokho kuyingxenye yebhola,” kuchaza lo mqeqeshi.

Indlela akhulume ngayo uMaduka iveze ukuthi usazoqhubeka nokunika uMpisane ijezi. 

“Izinto ezinjengalezi uyazi ukuthi zizokwenzeka lapha nalaphaya. 

“Zizokwenzeka izikhathi eziningi futhi. yebo impilo iyaqhubeka. 

“Kuyisimo nje esijwayelekile lapho wazi khona ukuthi uma enikwe ithuba lokudlala uzodlala,” kwengeza uMaduka.

“Kunezikhathi mhlawumbe azonikwa imizuzu engu-15 noma engu-20, ezimweni ezinjengalezo kuya ngokwenzekayo enkundleni.”

Njengoba iRoyal AM isesesigwebeni seFifa sokungasayini abadlali, kusobala ukuthi yini eyenza uMpisane abaluleke kuMaduka. 

Kuzothatha amehlo ukubona ukuthi uzophinde amqalise yini emdlalweni wesibili sebebhekene neSuperSport United.