Ezintsha

Ezintsha nge-Royal AM: Isisendalini ngokusemthethweni

I-Royal AM, ikilabhu yePremier Soccer League (PSL), isiyathengiswa ngokusemthethweni. 

ISouth African Revenue Service (Sars) ibeke uMashi 14 njengomnqamulajuqu wokudayiswa kwale kilabhu edlala kwiBetway Premiership.

Leli qembu elizinze KwaZulu-Natal liyadayiswa ukuze kukhokhwe isikweletu sika-R40 million esikweletwa umnikazi wekilabhu nongumengamelo wayo uShauwn Mkhize. 

Ukubhida kuyovulwa ngo-8 ekuseni futhi kuvalwe ngo-1 ntambama. 

Abanentshisekelo yokuthenga le kilabhu kufanele bathumele amabhidi abo nge-email ku: pg@bidderschoice.co.za.

Kumele bakhokhe idiphozithi engu-R1-million ku-akhawunti ye-trust esemthethweni yomlondolozi.

Le diphosithi iyobuya uma bengaphumelelanga ukuthenga. Oyonqoba ukubhida uzoyithatha nezikweletu zayo. 

Lokhu kuhlanganisa isikweletu esingaphezu kuka-R20 million esikweletwa abadlali bakudala uSamir Nurkovic noRicardo Nascimento, okuholele ekutheni iFifa ivale iqembu ekusayineni abadlali. 

Umdlalo wokugcina we-Royal AM kwaba yila yahlulwa khona ngo 3-1 yiTS Galaxy ngoDisemba 29, 2024. 

Kusukela lapho, isikhishiwe kwiNedbank Cup kanti imidlalo yayo yeligi imiswe unomphela yiPSL.

I-Royal AM yasungulwa ngo-2020, kanti yaqala ukuba sematheni ngemuva kokuthenga isitifiketi seBloemfontein Celtic. 

Ngaphansi kobunikazi bukaMkhize, ikilabhu yasheshe yaba yintandokazi kubalandeli ngesitayela sayo esigqamile nezigemegeme zangaphandle kwenkundla. 

Yaqeda endaweni yesithathu ngesizini ka-2021/22, yathola indawo kwiCaf Confederation Cup.

Nokho izinkinga zemali zibe sezihlasla leli qembu kumasizini ambalwa adlule njengoba sekuphetha kanjena nje. 

Indali iphawula isahluko esisha ngekusasa leRoyal AM nebhola elikhokhelayo kuleli. 

Ukuthi umnikazi omusha angakwazi yini ukuyibuyisela esimweni esifanele nebikuso ngaphambilini sekuyinto ebhekwe ngabomvu.

Okunye okuzothatha amehlo wukuthi iPSL izothatha siphi isinyathelo njengoba leli qembu lisalele emuva nje ngemidlalo.