
ULebogang Mokoena uhlonza okumele ngabe sebephesheya
Owayengumdlali wasesiswini weMamelodi Sundowns, uLebogang Mokoena unomuzwa wokuthi abanye babadlali baleli qembu kufanele ngabe kudala baya phesheya kwezilwandle.
Ekhuluma kwiSoccerbeat Podcast, uMokoena ubuzwe ngokuthi yibaphi abadlali anomuzwa wokuthi kufanele ngabe sebephesheya kwezilwandle.
ULebogang Mokoena uthe ubona abadlali abambalwa beSundowns abenza kahle kwi-Africa Cup of Nations (AFCON) e-Ivory Coast ngabe sebephesheya.
IBafana yaphuma isithathu kulowo mqhudelwano. Futhi yaba ngelinye lamaqembu adlala kahle kakhulu.
Abadlali abaningi beBafana kubikwa ukuthi badonsa amehlo ezinhlozi zamaqembu aphesheya kwezilwandle.
“Bakhona abadlali eNingizimu Afrika okufanele ukuthi sebeke bayiheha intshisekelo phesheya kwezilwandle,” kusho uLebogang Mokoena.
“Kusukela kuleyo Afcon – futhi nginesiqiniseko sokuthi kunabadlali abathola izicelo.”
Nokho usola amaqembu akuleli – ikakhulukazi iSundowns – ngokubambelela kubadlali bawo nokungabavumeli ukuthi baqhubekele phesheya kwezilwandle.
“Kodwa kube kunenkinga emaqenjini ethu aseNingizimu Afrika lapho engafuni ukukhulula abadlali,” kuqhuba uMokoena.
“Afuna ukubagcina isikhathi eside ngangokunokwenzeka futhi ngezinye izikhathi abadlali kuze kufike lapho bengasadayiseki vele.”
Wenze isibonelo ngoKhuliso Mudau noTeboho Mokoena okubikwa ukuthi babethole izicelo eziningi kodwa namanje basadlala kwiSundowns.
“Kuze kube yilapho umdlali esekhulile… Ngingenza isibonelo ngoMudau. Njengomdlali wasemuva ohlangothini bekufanele ngabe kudala ahamba.
“Bese ubheka uTebza Mokoena ngemuva kwaleya Afcon, ngicabanga ukuthi wazibeka kulelo zinga…
Wakhombisa ukuthi angakwazi ukudlala ezngeni eliphezulu,” kuchaza uLebogang Mokoena.
“Labo ngabadlali ababili enginomuzwa wokuthi bekufanele ngabe sebedlala phesheya kwezilwandle njengamanje.
“ISundowns inoJayden Adams manje – bheka ukuthi ukhululeke kangakanani ebholeni…
“Ungasho ukuthi usekhulile futhi usengawubamba umsebenzi manje,” kwengeza lo mdlali owazakhela igama kwi-Orlando Pirates.
