EzintshaOrlando Pirates

Imenenja iveza umuzwa kaTshego Mabasa ngePirates

Indaba yomunye wabadlali abasematheni kulezi zinsuku, uTshegofatso Mabasa isithathe elinye igxathu kuleli sonto. 

Yize edlala kahle kwiStellenbosch FC, uTshegofatso Mabasa akakalilahli ithemba ngokubuyela kwi-Orlando Pirates.

Imenenja yakhe, uGary Cassisa, isiveze ukuthi inhliziyo yalo mgadli isasele kulezi zinkunzi zaseSoweto. 

Kodwa kunokubathikamezayo emoyeni: AmaBhakabhaka awakabonisi ‘inhloso’ yokumgcina.

UTshego Mabasa akabhekile iholo elingcono nje kuphela kwiPirates. 

Ngokusho kukaCassisa, lo mgadli oyisidlakela ufuna nokubhala kabusha amabhuku omlando.

  • Irekhodi: UMabasa usesele ngamagoli ayisishiyagalombili nje kuphela ekubeni ngumshayimagoli ohamba phambili emlandweni wePirates.
  • Iphupho: Ufuna ukuthatha umhlalaphansi kuyo, abe yinkakha yayo futhi aphule amarekhodi osekunesikhathi eside aqopheka.
  • Iqiniso: Inkontileka yakhe yamanje isisezinyangeni zokugcina, kodwa akukho lutho etafuleni olubekiwe njengamanje.

“Ufuna ukuqhubeka nokudlalela ikilabhu, aphule lelo rekhodi,” kusho uCassisa kwi-FARPost

“Futhi ngokufisa kwakhe ufisa ukuthi ahlale kuyo kuze kufike isikhathi sokuthi athathe umhlalaphansi.

“Kodwa uma iPirates ingasho lutho, kuzomele acabange ngokwamukela ezinye izicelo.”

Ngsikhathi iPirates isathule ngekusasa likaTshego Mabasa, yena uyazikhulumela ngamagoli akhe. 

Kule mpelasonto edlule, ushayele iStellenbosch amagoli amabili ngesikhathi inqoba ngo 2-1 ihlula iChippa United.

Selokhu ejoyine iStellies ngokubolekiswa ngoJanuwari, useshaye amagoli amathathu yize eke waphazanyiswa wukulimala.

Lokhu kufakazela ukuthi usengomunye wabagadli ababukhali kwiBetway Premiership.

Imenenja igqamise ukwesekwa okukhulu uMabasa asakuthola kubalandeli beBucs.

UCassisa uphawule ukukhala ngaye okwenzeka ezinkundleni zokuxhumana masonto onke, abalandeli bePirates befuna abuye.

Kodwa konke kulele kwiPirates: “IPirates idinga nje ukuthumela isithembiso senkontileka entsha, bese siyacubungula,” kwengeza uCassisa.

IPirates isempambanweni yemigwaqo ngalesi simo. Inomgadli ozimisele ngokuphula irekhodi futhi ofuna ukuhlala.

Kodwa indlela abadlala ngayo ayimfanele futhi ukungabaza kwabo ukwelula inkontileka yakhe kungase kumenze asayine kwenye indawo. 

Ukubolekiswa kukaTshego Mabasa kwiStellies kuzophela maduze.

Emasontweni ambalwa alandelayo kuzocacisa ngekusasa lakhe kule kilabhu yaseSoweto.