
Ukuphuma kwePirates kwiChamps League kulimaza iBafana – ungoti
Ungoti nomqeqeshi webhola wakuleli uZipho Dlangalala usezwakalise ukukhathazeka okukhulu ngokukhishwa kwe-Orlando Pirates kwiCaf Champions League.
Uthi lokhu akukhona nje ukulahlekelwa kweqembu yithuba lokudlala kulo mqhudelwnao — kodwa kulamala nesizwe sonke.
“Ukukhishwa kwe-Orlando Pirates kulesi sigaba kungabungazwa kuphela umuntu omelene nebhola laseNingizimu Afrika,” kusho uDlangalala.
Ngokusho kwakhe, lokhu okwenzeke kwiPirates kuzoba nomthelela ongemuhle ngendlela efanayo nokuxoshwa kukaRulani Mokwena kwiMamelodi Sundowns ngoJulayi ka-2024.
“Kuyingozi engeqiwa ntwala kwiBafana Bafana. Lokhu kuthinta ngqo iqembu lethu lesizwe,” kuchaza uDlangalala.
“Abadlali bethu abasanda kuqokwa eqenjini lesizwe yize benekhono kodwa basantula ulwazi lokudlala esigabeni samazwe ngamazwe — futhi lokhu kuphuma okungalindelekile kuyakufakazela lokho.”
UDlangalala, owaziwa ngokugcizelela ukuthuthukiswa kwabadlali, uthi iCaf Champions League ibalulekile ekucijeni abadlali baseNingizimu Afrika ngokwengqondo nangobuhlakani bamacebo okudlala.
“Uma ngikhuluma ngeSundowns noma iPirates, abantu bacabanga ukuthi yingoba ngingumlandeli welinye lalamaqembu.
“Angiyena neze. MIna ngingumlandeli webhola laseNingizimu Afrika,” kugcizelela yena.
“Ukudlala kwiChampions League kuthuthukisa abadlali ngaphezu kwanoma yini enye.
“Umdlalo owodwa kulo mqhudelwano ulingana nemidlalo yeligi yasekhaya eyisithupha noma ngaphezulu ngokwesipiliyoni esizuzwayo.”
Uxwayise ngokuthi isikhathi okuphume ngaso i-Orlando Pirates sisho ukuthi abadlali abaningi sebezoba namathuba amancane okuthola leso sipiliyoni ngaphambi kwemiqhudelwano ebalulekile yamazwe ngamazwe.
“Lelo thuba alisekho. Bazophinde bathole ukudlala ezingeni lamazwe ngamazwe ngamawindi eFifa ngoNovemba 2025 nangoMashi 2026…
“Ngale kwalokho sekuyoba kwi-AFcon ngoDisemba, nangesikhathi samalungiselelo eNdebe yoMhlaba,” kusho uDlangalala.
Ukube i-Orlando Pirates idlulele phambili kulo mqhudelwano, ukholwa ukuthi bekungaba ngcono ukulungiselela abadlali abaningi iNdebe yoMhlaba ka-2026.
FUNDA NALA | UMakalakalane uveza okwabaxabanisa noJomo Sono
“Imidlalo yesigaba samaqoqoq eqinisekisiwe eyisithupha, neminye okungenani emibili kwesomkhumulajezi — okuyimizuzu engu-90 iphindaphindeke izikhathi ezimbalwa.
“Leyo mizuzu isisilahlekile thina,” kukhala uDlangalala. “Lokhu kusheshe iphume akugcinanga nje ngokunciphisa isibalo sethu sabadlali beqembu lesizwe.
“Kuphuce nabadlali bethu abathembisayo ezingeni leBafana ithuba lokuzuza amava abalulekile ezingeni lamazwe ngamazwe abebewadinga kakhulu.”
