Ezintsha

UJali uqale uhambo olusha, usebheke ngale kokudlala

UNcobo unapulazi akhe la afuye khona izilwane ezehlukene ezimenzela imali manje u-Andile Jali usemlandelile.

UJali, ongumdlali weChippa United usengumlimi ngakubo eMatatiele la efuye khona iziklabhu nezimvu. 

Ephawula ngaleli bhizinisi lakhe aliqalayo, uJali uthi ugqugquzelwe uNcobo ngokuba ngumfuyi. 

“Njengoba ngiyindoda, kumele ngifuyile ngoba nalapha ekhaya ngikhule omkhulu nobaba befuyile,” kusho uJali. 

“Ngisazoqhubeka ngithenge izinkomo namahhashi ngifuye nje impela. 

“Ngivele ngikhule ngizifela ngemfuyo njengoba ngakhula ngilusa nabanye abafowethu nabafana basendaweni.” 

Njengoba eseneminyaka engu-34, uJali usengomunye wabadlali abakhulile futhi abanamava kwiPSL.

Nokho iminyaka seyisho ukuthi ayiseminingi iminyaka emsalele edlala ibhola elikhokhelayo. 

UJali uqale ukugqama kwi-University of Pretoria, wabe eseheha amehlo e-Orlando Pirates. 

Wasuka kwiPirates waya eBelgium la ahlale khona iminyaka emine, wabe esebuya ejoyina iMamelodi Sundowns.

Usuke kuyo wathi qu kwiMoroka Swallows njengoba manje esezogijima kwiChippa United ngesizini ezayo.