EzintshaKaizer Chiefs

IChiefs iya koweDowns ixhugela – ilinyalelwe abamqoka

Phakathi kwabadlali abazophuthelwa yilo mdlalo omkhulu kukhona nomgadli osanda kusayinwa u-Etiosa Ighodaro okulindeleke ukuthi ahole ukuhlasela kweqembu.

Enikeza isibuyekezo ngabadlali eTaung Village eNaturana ngoMsombuluko, iphini lomqeqeshi kwiChiefs uCedric Kaze udalule okungabazekayo ukuthi bazodlala kulo mdlalo.

U-Aden McCarthy uthole ukulimala emdlalweni wokugcina bedlala neRichards Bay ngesonto eledlule – waphma esexhuga. 

Lo mdlali wasemuva oneminyaka engu-21 ubudala ubengomunye wabadlali abagqamile kwiChiefs emidlalweni emithathu yokuqala yesizini.

Nguye onqobe indondo yokuba ngumdlali ovelele emidlalweni emibili yokuqala.

“U-Aden McCarthy akakaze aziqeqeshe kusukela ngoMgqibelo. Ithimba lezokwelapha lisebenza kanzima ukuze limbuyisele enkundleni,” kusho uKaze.

“Kodwa kuzomele silinde sibone ukuthi wenza kanjani kusasa (ngoLwesibili) ukuze sinqume ukuthi uzoba yingxenye yomdlalo weSundowns noma cha.”

UNkanyiso Shinga osanda kusayina futhi odlala kwesokunxele emuva naye akakadlali kanti uKaze uthe yena nomunye umdlali wasemuva kwesokunxele uBradley Cross bebegula futhi abazicijanga neqembu. 

Uma bengalulami kusenesikhathi, lokho kushiya iChiefs noPaseka Mako kuphela emuva kwesokunxele emdlalweni weSundowns.

“UShinga noCross bebegula ezinsukwini ezimbili ezedlule, kanti u-Ighodaro naye walimala ejimini ezinsukwini ezimbili ezedlule.

“Kodwa ngaphandle kwabo, wonke umuntu usekulungele ukudlala kulo mdlalo,” kwengeza uKaze. 

Mayelana nabadlali osekunesikhathi belimele uRushwin Dortley noGiven Msimango, uKaze uthe babheke ukuthi babuye ngenyanga ezayo.

Lona wumdlalo obalulekile kuMakhosi njengoba ezibhekana neSundowns ezikhotha amanxeba ngemuva kokulimala kwiMTN8.

ISundowns ihlulwe ngo 4-1 sekukhahlelwa amaphenathi ishaywa yi-Orlando Pirates kule mpelasonto edlule emdlalweni owandulela owamanqamu kanti izobe ibheke ukuvuka ngeChiefs.

Lo mdlalo uza ngesikhathi lapho isimo singazinzile kwiSundowns, ngaphakathi nangaphandle kwenkundla, abanye abadlali abamqoka bebambene ngezihluthu nekilabhu kubangwa izinkontileka.

ULucas Ribeiro noKhuliso Mudau abakadlali kule sizini ngenxa yezinkinga ezikhona. Kodwa uKaze uthi lokho akusho lutho.

“Ekupheleni kosuku, kufanele wenze kahle futhi wenze umsebenzi wakho enkundleni; umongo noma izimo zembangi azisho lutho.

“Kumele sikhumbule ukuthi sizobhekana nompetha asebevikele isicoco amahlandla ayisishiyagalombili.

“Sibatshelile abadlali bethu ukuthi bangakufaki emakhanda ukuthi kunomsindo okhona kwiSundowns.”