EzintshaKaizer Chiefs

Ukhonjwa e-Europe u-Aden McCarthy weChiefs 

I-Kaizer Chiefs ingase ilahlekelwe ngomunye wabadlali bayo abasebancane kodwa abenza kahle njengoba u-Aden McCarthy kubikwa ukuthi uya phesheya.

Kuvela ukuthi lo mdlali oyindodana yenkakha yaleli qembu, uFabian McCarthy uyojoyina ompetha base-Azerbaijan iSabah FK.

Ngokubika kweSoccerBeat, lo mdlali wasemuva kulindeleke ukuthi aqedele ukuthuthela kulezi zinkunzi zase-Azerbaijan kulo leli sonto.

Kuvela ukuthi lisebenzise isigatshana esikwinkontileka ka-Aden McCarthy ne-Kaizer Chiefs sokuvuma uma kufika izicelo ngaye.

Lo mdlali oneminyaka engu-21 ubudala kubikwa ukuthi uhlelelwe ukufulathela elakuleli ngawo lo Msombuluko ukuze aqedele lo myakazo wakhe. 

ISabah FK ibe nomkhankaso oyimpumelelo, yawina kokubili i-Azerbaijani Premier League nendebe, yabe seyizibekisela indawo emiqhudelwaneni yase-Europe ngesizini ezayo.

Sekuyisikhathi eside u-Aden McCarthy ethathwa njengomunye wabadlali basemuva abasebancane abathembisayo kwi-Kaizer Chiefs.

Manje ukuthuthela phesheya kuzomnikeza ithuba lokuzivivinya ebholeni lase-Europe esemncane kanti kubhekwe akhule kahle khona.

Uma kwenzeka, ukuhamba kwakhe kuzoyishiya nesikhala esikhulu iChiefs emuva.

UMcCarthy ube nesandla emkhankasweni omuhle waleli qembu. 

Nokho isenaye uRushwin Dortley okulindeleke ukuba kuqal umkhankaso ozayo eseluleme ngokugcwele.