EzintshaOrlando Pirates

Ukhiphe amazwi agudlayo ‘ochithwa’ yi-Orlando Pirates

Kodwa izimpawu zona zikhona zonke. Yiluphi uphawu olucace kunazo zonke okwamanje? 

Wukuthi inombolo yakhe yejezi ibonakale igqokwe umdlali omusha u-Oswin Appollis ngesikhathi i-Orlando Pirates iziqeqesha eMarbella, eSpain.

Lokhu kukhomba ngokusobala ukuthi uNdlondlo akasekho ezinhlelweni zePirates ukuya phambili. 

Lo mdlali wasesiswini omfishanyana uvele wengeza uphethiloli kumahlebezi avele evutha ngaye ngakubhale kwi-Instagram kuleli sonto.

“Ubukhulu abuveli ngobuhlakani. Ubukhulu buvela ngokuziphatha komuntu, futhi ukuziphatha komuntu akuncikile ekuhlakanipheni kwakhe.

“Ukuziphatha komuntu kwakheka kahle uma ehluphekile. Umzabalazo uyaqhubeka,” ubhale kanje uNdlondo.

Lo myalezo othinta inhliziyo ubonakala ukhombisa ukuphela kohambo lwakhe namaBhakabhaka.

Yini engahambanga kahle?

UNdlondlo ujoyine iPirates ngo-Okthoba 2022 ngemuva kokudlala kahle kwiMarumo Gallants.

Ubeshaye amagoli angu-12 emidlalweni engu-72 futhi wazakhela udumo njengomdlali wasesiswini onomdlandla, okwazi ukumaka nokuhlasela futhi odedela amashodi amahle. 

Nokho, kwi-Orlando Pirates, izinto azizange zimhambele ngendlela okwakubhekwe ngayo. 

Udlale imidlalo yeligi engu-21 kuphela ngesizini edlule, eqala embalwa kuyona, wahluleka ukuthola noma ukwakha igoli. 

Njengoba leli qembu lilande abadlali basesiswini abafana noSipho Mbule noSipho Nduli, kuvele kwacaca.

Yini elandelayo?

Ngokwemithombo esondelene nalesi simo, uNdlondlo usehehe amaqembu ambalwa eBetway Premiership. 

Kulawo maqembu kusavele lawa okwamanaje:

  • ISekhukhune United, esemakethe yokuthola umdlali wamaphakathi nenkundla onamava
  • IMarumo Gallants, lapho uNdlondlo eke wadlondlobala khona, futhi eqala kabusha impilo ngaphansi komqeqeshi omusha u-Alexandre Lafitte
  • I-Orbit College, okubikwa ukuthi yakha iqembu elinobuholi obuqinile ukuze ikwazi ukumelana nenselelo yesizini yayo yokuqala esigabeni esiphezulu

Njengoba ukuqagela kushuba, umnyakazo olandelayo kaNdlondlo ungase umuse lapho ezozizwa ebalulekile futhi engase adlale njalo khona.