EzintshaKaizer Chiefs

UBobby wethembisa lukhulu ngabadlali abasha kwiChiefs

Umphathi webhola kwiKaizer Chiefs uBobby Motaung useqinisekise abalandeli ukuthi leli qembu lizimisele ukuqinisa ngabadlali abangcono kulo Januwari.

Amakhosi amataniswa no-Oswin Appollis, Fiston Mayele, noFeisal Salum njengoba kuvulwe iwindi lokusayina abadlali nje.

Nokho achithiwe kuSalum njengoba i-Azam FC adlala kuyo eTanzania seyivele yayinyusa kakhulu imali eyifuna ngaye. 

IChiefs beyikade inentshisekelo ku-Asanele Velebayi weCape Town Spurs noFawaaz Basadien weStellenbosch FC ngaphambi kwesizini.

Nokho imizamo yayo yokuthola laba badlali iphelele ezeni njengoba ingakwazanga ukubeka into eyamukelekayo etafuleni. 

Kodwa manje njengoba sekuvuliwe iwindi lokudayiselana ngabadlali, iChiefs inelinye ithuba lokuqinisa isikwati sayo. 

Bobabili uVelebayi noBasadien basasemaqenjini abo futhi basengatholakala uma ingafika nento efunwa amakilabhu abo ngabo.

“Akukabi yisikhathi esifanele sokukhuluma ngalokho, kodwa buka wena uzobona. 

“Izinto zizohamba kahle,” ucashunwe esho kanje uMotaung utshele kwiKickOff.com.

IChiefs isayinise abadlali abayisikhombisa ngaphansi komqeqeshi uNasreddine Nabi ngaphambi kokuqala kwale sizini. 

Ngenkathi uGaston Sirino, uRushwin Dortley, noMiguel Inacio beza kahle, uBradley Cross noFiacre Ntwari basadonsa kanzima ukujwayela ijoka laseNaturena.

Amakhosi asendaweni yesithupha kwiBetway Premiership ngemuva kwemidlalo engu-13, kanti abonakala esephumile emjahweni wesicoco. 

Manje asesalelwe yiNedbank Cup ukuthi azame kuyo ukuvala ihlazo futhi aqede isomiso sezindebe seminyaka engu-10.

IChiefs kusabhekwe ukuthi isayine abadlali abambalwa kuleli windi, futhi ikhulule abanye ababonakala bengeke bayisize ngalutho. 

Kubikwa ukuthi uChristian Saile ubheke kwiChippa United kanti uMduduzi Mdantsane yena angase abuyele kwiCape Town City.