
Kusale 5 kwesokuqala, ‘lisazodiliza abanye ibhasi’ lePirates
I-Orlando Pirates ingase iqhubeke nokukhulula abanye abadlali njengoba ilungiselela isizini ka-2026/27.
Leli qembu selivele liqinisekise ukuhamba kwabadlali abahlanu abangavuselelwanga izinkontileka.
AmaBhakabhaka abe nesizini emangalisayo, lapho enqobe khona izindebe ezintathu futhi aqinisa isithunzi sawo njengelinye lamaqembu aphambili eNingizimu Afrika.
Iqembu selivele liqinisekise ukuhamba kukaSipho Mbule, uKarim Kimvuidi, uBandile Shandu, uTshegofatso Mabasa noDeivi Miguel Vieira, odume ngelikaGilberto.
Nokho, imibiko yakamuva iveza ukuthi laba bangase bangabi ngabokugcina ukuphuma kwi-Orlando Pirates njengoba kusenebadlali okungacaci ngabo.
Omunye walabo nguMakhehleni Makhaula, inkontileka yakhe ephela ekupheleni kukaJuni.
Lo mdlali usalinde ukuzwa ukuthi iqembu lizomnika yini inkontileka entsha ngemuva kokudlala indima ebalulekile enkabeni yenkundla ngesizini edlule.
USalaelo Rasebotja naye ubhekene nesimo esifanayo. Kusukela afika kwiPirates ngo-2024, ubengakalitholi ithuba lokuziveza ngenxa yokulimala.
Kuphinde kube nombuzo ngekusasa likaGoodman Mosele, obebolekiswe kwiChippa United ngesizini edlule.
Ngakolunye uhlangothi, uKabelo Dlamini, osalulama ekulimaleni, noBoitumelo Radiopane bangase babolekiswe kwamanye amaqembu ukuze bathole isikhathi esanele sokudlala.
- FUNDA NALA | Akucaci kahle ngoMayo,iBelouizdad ibamba iyayeka
Okungase kumangaze abaningi ukuthi ne-Orlando Pirates ingase ilahlekelwe yisihlabani sayo esincane uRelebohile Mofokeng.
Lo mdlali kubikwa ukuthi uheha amakilabhu aphesheya kwezilwandle, okubalwa kuwo iMonaco yaseFrance neMinnesota United edlala kwiMajor League Soccer e-United States.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
