
UKhanye uhlonza okuqhathe iPirates nenduku yeMagesi
- Sibongiseni GUMBI
Owayengumdlali weKaizer Chiefs, nosengumhlaziyi ozimele manje, uJunior Khanye useveze umbono wakhe ngabona kulimaze i-Orlando Pirates ngempelasonto.
IPirates ingene ehlazweni ibhuliswa amazolo omafikizolo, iMagesi FC kwiCarling Knockout. Isshaywe ngo 3-2.
Kuke kwathuka cishe wonke umuntu kuyiwa ekhefini iPirates ilandela ngo 3-0 kulo mdlalo obuse-Orlando Stadium ngoMgqibelo emini.
Manje uKhanye uthi iPirates beyingaqinile ezindaweni ezithile, okwenze iMagesi yathola upotsho wokuyigqekeza.
Uthe ukushoda komdlali wasesiswini okwazi ukubamba ibhola, ahlanganise iminyakazo yikho ngezinye zezinto ezibe nomthelela.
Kodwa ukhale kakhulu ngokungabi khona kuka-Olisa Ndah noPatrick “Tito” Maswanganyi eqenjini eliqale umdlalo.
“Kunezindawo ezimbili ezibalulekile kwi-Orlando Pirates yizo ezibe nomthelela omkhulu,” kusho uKhanye kwi-iDiski TV ahlaziya kuyo.
“Eyokuqala ngekaNdah, eyesibili ngekaTito Maswanganyi. Labo badlali ababili banendawo ebalulekile kwi-Orlando Pirates.
“Omunye udlala emuva futhi ungumholi. Ungomunye wabaphammbili kuleli ikakhulukazi ngokukwazi ukuxhumana nabanye abadlali, nokufunda umdlalo.
“Muhle nasekubhekaneni nendoda ngqo emdlalweni. Akukhathaleki ukuthi udlala nobani emuva…
“Uyakwazi ukuvikela ozakwabo, bangabonakali nala bebafishane khona. Ungambophela noNkosinathi Sibisi, uTapelo Xoki… uNdah uyakwazi ukubavikela.
“UTito yena yinkunzi engavinjelwa esiswini, uyakwazi ukubona izikhala futhi uyazizwa uma esebholeni. Ngicabanga ukuthi useyenze eyakhe leya ndawo.
“Angimboni omunye umdlali ongcono kunaye kwi-Orlando Pirates. Abadlali abafana noKabelo Dlamini, Rele Mofokeng noTshegofatso Mabasa badlala kahle uma ekhona.
“Umthola la kukhona khona ibhola. Akasebenzisi nejubane, usebenzisa ingqondo. Yingakho ngithi zimbili izindawo ezilimaze iPirates.”
UTito ubeqaliswe ebhentshini kulo mdlalo, kanti uNdah yena ulimele futhi useyoze abuye emzuliswaneni wesibili wale sizini.
