
I-Orlando Pirates isifuna omunye ‘ofiswa’ umqeqeshi
Kubukeka i-Orlando Pirates izimisele ukumtholela bonke abadlali abafisayo umqeqeshi wayo omusha u-Abdeslam Ouaddou.
Kungakapheli sikhathi esitheni isayine uSipho Mbule, ongomunye wabadlali abaseqophelweni eliphezulu, i-Orlando Pirates isifuna omunye onconywe u-Ouaddou.
Kuvela ukuthi leli qembu seliqalile ukuzwa amanzi ngobhoko kwiMamelodi Sundowns ngomunye wabadlali bayo lo mqeqeshi asanda kubancoma.
Kubikwa ukuthi uNeo Maema nguyena olandelayo ohlwini lwabadlali abafunwa yi-Orlando Pirates.
Ngokubika kweSoccer Laduma, imithombo esondelene nePirates neSundowns iveza ukuthi amaBhakabhaka asevele ake abuza ngoMaema.
Lokhu kwenzeke ngaphambi kokuphothula ukusayinwa kukaMbule.
UMaema, oneminyaka engu-28 ubudala uzithole elithola amacozucozu ijezi kuleli qembu laseChloorkop.
Kungenzeka-ke avuleleke ekutheni aye kwelinye iqembu lapho engase adlale khona njalo.
“Yebo, ikilabhu ngathi isike yabuza ngoMaema,” lo mthombo ongaphakathi ucashunwe usho kanje.
“Eqinisweni nje, uMaema nguye owokuqala okwaxoxwa ngaye ngaphambi kokuvela kwegama likaMbule.
“Usesele nonyaka owodwa enkontilekeni yakhe, ngakho kusazobonakala ukuthi iSundowns izonquma ukuthini ngaye.”
Kukholakala ukuthi neKaizer Chiefs nayo isiqaphe ngeso lokhozi isimo sikaMaema kwiSundowns.
Umthombo wesibili uveze ukuthi uMaema ufuna isikhathi sokudlala — into athwale kanzima ukuyithola ngaphansi kukaMiguel Cardoso.
“Kuleli qophelo, umdlali ufuna nje ukudlala,” kusho umthombo. “Uzoya lapho adingeka khona -— akukhathalekile ukuthi kukwiPirates noma kwiChiefs.”
Umqeqeshi omusha we-Orlando Pirates, u-Abdeslam Ouaddou, usanda kuveza kwiMarawa Sports Worldwide ukuthi engakujabulela ukuba noMbule noMaema.
Uthe bawuhlobo lwabadlali basesiswini angabafuna kunoma yiliphi iqembu aliqeqeshayo.
Njengoba uMbule esevele esekhona emabhukwini ePirates, amehlo manje aseheke ekutheni izokwazi yini ukuthola noMaema.
