EzintshaKaizer Chiefs

UKhama Billiat uphawula ngoyikha ngamafosholo kwiChiefs 

Owayengumdlali weMamelodi Sundowns neKaizer Chiefs uKhama Billiat usephawule ngemali ayeyihola eNaturena.

Futhi ngokusho kwakhe, iGlamour Boys yayenza isiqiniseko sokuthi i-akhawunti yakhe yasebhange ihlezi iyinhle.

UKhama Billiat, owashintsha esuka eChloorkop waya eNaturena ngo-2018, udalule ukuthi iKaizer Chiefs yayimnakekela “kahle kakhulu kule” minyaka emihlanu ekuleli qembu.

Ekhuluma kwiOff The Pitch Chat podcast ye-Afrik-Foot, lo mdlali waseZimbabwe uvumile ukuthi amahlebezi mayelana neholo lakhe elikhulu ayengewona amanga.

“Banginakekela kahle impela, futhi ngiyazisa kakhulu iKaizer Chiefs; yangiphatha kahle,” kusho uBilliat.

“Anginaso isiqiniseko sokuthi abanye bebehola malini, kodwa mina ngangihola kahle, futhi ngiyakwazisa kakhulu lokho.”

Uthe yize engazi abanye babehola malini, kodwa wethemba ukuthi bonke babehola kahle. 

Kodwa nakuba wayeneme ngomholo, kodwa enkundleni akazange ajabulise kangako.

UKhama Billiat Washaya amagoli angu-24, waba nesandla ekwakheni angu-29 emidlalweni engu-126 kwiKaizer Chiefs.

Yize lezi zinombolo zihloniphekile uma uzibuka, kodwa uma uziqhathanisa naba nazo kwiSundowns uyawubona umehluko.

KuMasandawana, emidlalweni engu-144, washaya amagoli angu-48, wakha angu-43.

Uphinde wasiza iqembu ukuthi libuse ebholeni laseNingizimu Afrika. 

Kule minyaka emihlanu eseChloorkop, wanqoba izicoco ezintathu zeBetway Premiership

neseCAF Champions League.