Betway PremEzintsha

UPitso Mosimane uveza okumchaza ngombango weligi

Owayengumqeqeshi weMamelodi Sundowns, uPitso Mosimane uthi umbango wesicoco seBetway Premiership muhle ebholeni laseNingizimu Afrika.

Ngokokuqala ngqa eminyakeni eminingi, umjaho wesicoco seligi kulindeleke uze uphele ngosuku lokugcina.

Kumanje zidlana imilala phakathi kweSundowns ne-Orlando Pirates, into uPitso Mosimane athi yinhle kakhulu.

Ngokuma kwezinto njengamanje, kungenzeka iqembu elizogcina lidle lesi sicoco lisithole ngomehluko wamagoli.

Njengamanje iSundowns ihamba phambili ngamaphuzu amathathu, kanti iPirates inomdlalo esawugodlile futhi ivunwa umehluko wamagoli.

UPitso Mosimane, onqobe izicoco ezinhlanu zeligi neSundowns, ukholwa ukuthi lo mbango ubuyise isasasa ebholeni lakuleli.

“Lokhu kuhle ebholeni. Awazi ukuthi kuzokwenzekani,” kusho uMosimane kwiSABC Sport

“Ukube bengikubuzile ezinsukwini eziyishumi ezedlule, ubungeke usho ukuthi izinto zizobe zime kanjena njengamanje, akunjalo?

“Kodwa ibhola kumele libe kanje. Ngakho-ke noma yiliphi iqembu olesekayo, kungaba yiChiefs, iSundowns noma iPirates… 

“Umbango awupheli kuze kube kukhala impempe yokugcina… Ngakho-ke isonto ngalinye liza nezimanga zalo,” kuqhuba uPitso Mosimane.

IPirates isalelwe yimidlalo emithathu okungathi uma iyinqoba yonke, ibe ngompetha.

ISundonws yona isele nemibili, kanti ukuyinqoba kwayo le ndebe sekuncike kakhulu ekutheni kuqhuzuke iPirates.