
UDoctor ususe umsindo ‘egiva’ iChiefs nePirates
Ingwazi yeBafana Bafana uDoctor “16V” Khumalo ishiphe kusadanswa kwizinkunzi zaseSoweto i-Orlando Pirates neKaizer Chiefs.
Uthi ukunqoba iligi ngoba iMamelodi Sundowns “isawile” akuwenzi abe ngcono lamaqembu.
Nakuba abalandeli balezi zinkunzi zaseSoweto bejabulele ukuthi amaqembu abo asemjahweni wesicoco seligi, u-16V akachazekile neze.
USHIPHE KUDLIWA
Uveze lo mbono wakhe ophoxayo ngesikhathi kwethulwa ubudlelwano beChiefs neCarling Black Label ekuqaleni kwaleli sonto.
Ekhuluma nabezindaba, uKhumalo uphakamise ukuthi ukuma kwelogi njengamanje kungenxa yezinkinga zangaphakathi ezikhungethe iSundowns.
Uthi ukuzihola phambili kwe-Orlando Pirates nokuba semjahweni kweKaizer Chiefs akungoba lamaqembu aseSoweto esethuthukile.
UKUFDABALA KWEDOWNS
Le nkulumo kaKhumalo yesekwa yizibalo. La maqembu abizwa nge“Big Three” asembangweni oshubile phezulu kwilogi yeBetway Premiership.
Kodwa amaphuzu esewonke akhombisa ukwehla okuyinqaba kompetha abavikela lesi sicoco iSundowns.
“Kungani kufanele ulinde ukuthi bakhubeke bese usebenzisa lokho?,” kubuza uKhumalo.
“Uma bengekho ezingeni elifanele, ingabe lokho kusho ukuthi bona sebengcono?
“Kumele bazilungise ukuze bayihlule nje kahle iSundowns ingenazo izinkinga enazo njengamanje.
“Kulapho kuphela ke mina engingabethulela khona isigqoko sami.”
IZINKINGA ZESUNDOWNS
Ukukhuluma kukaKhumalo “ngezinkinga zangaphakathi” “nenhlekelele” kuncike kwiziyaluyalu ezenzeka eChloorkop ngaphansi kukaMiguel Cardoso:
- Ukulahlela kwesiko leqembu: Abalandeli bazwakalise ukungenami ngokuthi isitayela seShoeshine and Piano esakhiwe nguPitso Mosimane siyalahleka.
- Impi yabalandeli: NgoJanuwari, ikilabhu kwadingeka isole abalandeli “ngokungaziphathi kahle” kulandela ukuthukwa kukaCardoso.
- Ihlazo lempimi: Kuleli sonto, ikilabhu imise umakadebona womhlaziyi ngezinsolo zokuputshuzela uRulani Mokwena imininingwane ebucayi yeqembu.
- Ukushweba izindebe: AMasandawana ahlulekile ukunqoba iMTN8 neCarling Knockout ekuqaleni kwale sizini.
Ngaphezu kokuhlulwa yilezi zindebe ezinqotshwe yiPirates, iSundowns ayenzi kahle kwiligi.
Njengamanje ilandela ngemuva i-Orlando Pirates ngamaphuzu amathathu, kanti iKaizer Chiefs iyihlezi ezithendeni.
Ngemuva kwemidlalo engu-15 yeligi, izinto zime kanje kwilogi:
- Namba 1: Orlando Pirates – inamaphuzu angu-35
- Namba 2: Mamelodi Sundowns ngamaphuzu angu-32
- Namba 3: Kaizer Chiefs inamaphuzu angu-30
UKhumalo ukholwa ukuthi ukunqoba iligi ngoba nakhu iSundowns “ikhubekile” ngeke kuzibuyisele isithunzi iziqhwaga zaseSoweto.
Ngokwakhe, ukuqina kwangempela kwalezi ziqhwaga akukhona nje ukuba phezulu kwilogi.
FUNDA NALA | Isixakaxaka iStellies ivaleleka eCongo DR
Uthi ubungwele bazo kuzomele buvele uma iSundowns isesimweni sayo, ingenazo lezi zinkinga enazo.
